Isikhulu saseDemocratic Republic of Congo sisolwa ngokukhwabanisa imali eshisiwe

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

UBrigadier Ngoy Timothee Makwamba, owajutshwa uMnyango wezokuVikela e-Democratic Republic of Congo ukuthi athenge izikhali kwi-Denel Group kuleli waqola uhulumeni wakhe u-R49.6-million.

UMakwamba wasebenzisa le mali ukuthenga izithabathaba ezine zemizi wabhalisa lezi zindawo zikanokusho ngaphansi kwakhe, izingane zakhe ezimbili kanye nabanye abantu abathathu.

Uphiko lokudliwa kwempahla lwe-National Prosecuting Authority (NPA) ePitoli luthole incwadi yokulondoloza imali engaphezu kuka-R43-million yemali eyebiwe eNkantolo eNkulu yasePitoli ngomhlaka-11 kuNdasa.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority esifundeni uLumka Mahanjana uthe lo myalelo owokuthi kugcinwe izakhiwo ezine nama-akhawunti amabili asebhange kaMakwamba, owajutshwa i-DRC ukuba azoyimela kuleli.

“Ama-akhawunti amabili asebhange ebeno-R35-million no-R224,765.38 ngokulandelana kwawo, avalwe iziphathimandla,” esho.

UManjana uthe uphenyo ngalolu daba lusukela ecaleni lokukhwabanisa nokweba elivulwe i-DRC mayelana noMakwamba.

“Omunye wemisebenzi ayejutshwe i-DRC ukuthi ayenza ukuthenga izikhali ku-Denel Group.

“Ihhovisi lenxusa lase-DRC libe selikhokha u-R49.6-million ku-Denel Group. Kodwa-ke, i-Denel Group ayikwazanga ukucubungula lo myalelo yahlela ukubuyisela imali ehhovisi lenxusa lase-DRC,” kusho uMahanjana.

Uhulumeni wase-DRC wanqamula inkontileka kaMakwamba ngoZibandlela ngo-2022 futhi akabange esanikezwa igunya lokumela izwe.

“Esikhundleni salokho, wenza ukukhwabanisa nangokungemthetho wazibonakalisa ku-Denel Group njengommeleli othunyelwe i-DRC. Nguyena obesasayinela i-akhawunti yokuvikela yase-DRC futhi enegunya lokubayalela ukuthi bayibuyisele kuphi le mali,” kusho uMahanjana.

“UBrigadier Makwamba wabe esenikeza i-Denel Group imininingwane ye-akhawunti yasebhange kaJohan van Heerden Attorneys, lapho i-Denel Group eyakhokha khona imbuyiselo ka-R49.6-million ngomhlaka-13 kuMbasa nyakenye.”

Ngemuva kokuba abammeli bethole izimali, zadluliselwa kuma-akhawunti amabili asebhange imali yabe isisetshenziselwa ukuthenga izindawo ezine.

UMakwamba uthenge indawo eyodwa e-Centurion Golf Estate. Indawo yesibili eyabhaliswa ngaphansi kwegama lakhe nezingane zakhe, uMilleno Ngoy kanye noNgoy Glo-Glo Gloria ise-The Falcons e-Eastwood, ePitoli.

Enye indawo ohlelweni lwetayitela lengxenye ye-Hokaai, ePitoli yabhaliswa ngaphansi kwamagama ka-Eustache Monga noNkulu Kilumba.

Indlu yesine ese-Northcliff, eGoli ibhaliswe ngaphansi kukaBokomo Bokondo.

“Ngemuva kokuthola incwadi yokugcina yokudliwa kwempahla, le mphahla izodayiswa endalini yomphakathi bese imali ibuyiselwe e-DRC,” kusho uMahanjana.

Esithombeni esingenhla: Enye yezindlu zikanokusho ezathengwa ngemali eyayenzelwe ukuthenga izikhali.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva