
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
U-Abnar Tsebe uyindoda enamandla. Njengoba enguMengameli kazwelonke womkhandlu wakuleli wamatekisi, uhola imboni yamatekisi angaphezu kuka-200,000.
Ungumphathi wabaphathi bamatekisi – hhayi uhlobo lwendoda ongadlalela kuyo.
Kodwa ngoLwesithathu uTsebe uchithe usuku lwakhe lokuzalwa kahle ezidlalela nezingane.
Uvakashele isikole samabanga aphansi i-Philena e-Olievenhoutbosch ePitoli. Njengohlobo oluthile lukaFather Christmas unikeze abafundi abaphuma emindenini empofu izipho okubalwa kuzo amadeski, imifaniswano yesikole, ama-sanitary towels kanye nokudla.
Ugqugquzele izinhlangano zamatekisi zendawo kanye ne-National Liquor Traders ukuthi baqale lo mkhankaso wokunikela ezikoleni ezingenazo izinsizakusebenza kanye nokwakha izinkundla zemidlalo nezinsiza.
“Kubalulekile ukuthi i-Santaco ifake isandla ngendlela eyakhayo endaweni yethu nasemiphakathini yonkana,” esho.
“Inhloso yethu ukugxila ezikoleni zamabanga aphansi ezweni lonke futhi sizosebenzisana kakhulu nozakwethu ukuqinisekisa ukuthi kuba nomthelela omkhulu wemizamo yethu. Ngaphandle kwalokhu esikunikele namuhla sizofaka imali yokwakha izikhungo zezemidlalo ngoba sibone kunesidingo esikhulu sokwenza lokho.”
Umgqugquzeli we-National Liquor Traders uLucky Ntimane uthe lobu budlelwano benzelwe ukulwa nezinkinga zomphakathi kanye nokugqugquzela imfundo njengokhiye wokuqeda ububha.
Esithombeni esingenhla: UMengameli we-Santaco u-Abnar Tsebe
Umthombo wesithombe: @SA_Taxis