Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ojele abangu-24 abalwa nobugebengu abaqeqeshwa e-Dunnottar Military Base e-Ekurhuleni balimale kabi ngesikhathi isikhulu sezempi singena ngemoto ophikweni lwabo ngoLwesihlanu.
Lesi sikhulu samasosha (36), esizinze esikhungweni samasosha ePitoli, besingalindelekile kule ndawo futhi ukuba khona kwaso akuqondakali.
Umthombo obusendaweni yesigameko utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umshayeli ubebonakala edidekile kodwa futhi ejabule ngemuva kokudala ingozi.
“Uyiswe egunjini lokusebenzela emuva kwengozi, nokuyilapho efike waphula khona wonke amawindi,” kubika umthombo.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Gauteng uColonel Noxolo Kweza uthe amaphoyisa ase-Dunnottar aphenya isigameko njengecala lokushayela budedengu.
“Okwamanje, kulimale amalungu angu-24 aphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo. Umsolwa udedelwe ngemuva kokuxoxisana nomshushisi womphakathi omkhulu ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Isinqumo ngedokodo sizophuma eNkantolo yeMantshi yase-Nigel,” kusho uKweza.
Esithombeni ngenhla: I-Dunnottar Military Base
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo