Dylan Bettencourt
Isikhulu sama-Olimpiki uThomas Bach uthi “ube nokungabaza” futhi “kungalaleki nasebusuku” ecabanga ngemidlalo yama-Olimpiki ase-Tokyo ebihlale iba sematheni eminyakeni edlule.
“Besiba nokungabaza nsuku zonke. Sixoxisene sabonisana. Bekungalaleki nasebusuku,” kusho yena ekomidini le-International Olympic Committee ngoLwesibili.
“Lo mthwalo ubusinda kuthina sonke”.
“Kodwa ukufika kulolu suku bekufanele sikhombise ukuzethemba, futhi sikhombise indlela yokuphuma kule nkinga. Ezinyangeni eziyi-15 ezedlule bekufanele sithathe izinqumo eziningi ngesizathu esingaqinisekile.”
UBach uthe ukukhansela le midlalo bekungeyona indlela. Bakhethe ukuqhubekela phambili benzela abasubathi abasanethemba.
Ngemuva kokuba ubhubhane lokhuvuthe luphoqe ukuthi umcimbi ohloniphekile uhlehliswe unyaka wonke, izinga lesine lomvalelo e-Japan lenze ukuthi izakhamizi eziningi e-Tokyo zifune ukuthi kuhlehliswe le midlalo.
Amalungu omphakathi amaningi akholelwa ukuthi uma le midlalo iqhubeka, lokho kungabeka impilo yabo nokuphepha kwabo engcupheni, ngoba kuzokwandisa ukusabalala kokhuvethe.
Le midlalo ehlelwe kabusha ibe ngundabuzekwayo ezinsukwini ezedlule njengoba kunabadlali abangama-71 okuvele ukuthi bahaqwe igciwane kuma-Olimpiki, kubalwa nabadlali bebhola ababili baseNingizimu Afrika.
Iphephandaba i-Asahi lishicilele imibono yomphakathi njengoba abantu abangamaphesenti angama-55 abebebambe iqhaza bathe imidlalo kumele ihlehliswe.
Inkampani yezimoto yase-Japan i-Toyota, engumxhasi omkhulu wama-Olimpiki, ithathe isinqumo sokususa zonke izikhangiso zayo kumabonakude ezihlobene nama-Olimpiki njengoba zingafuni ukuthi ama-Olimpiki alimaze isithunzi sayo.
Izinyathelo eziqinile zibekiwe ukuqinisekisa ukuthi imidlalo iqhutshwa ngokuphepha nangokushelela, nabagijimi babekwe ku-bubble ye-biosecure behlolelwe isifo sokhuvethe nsuku zonke. Le midlalo ngeke ibe nababukeli ezinkundleni.
Umcimbi wokuvula ungaloluLwesihlanu, mhla zingama-23 kuNtulikazi, kanti imidlalo izoqhubeka kuze kube umhla zi-8 kuNcwaba.
Umthombo wesithombe: @ OIympics.com