Isikhulu sakwa-Eskom sisabisa ngokusula esikhundleni

Dylan Bettencourt

UMphathi wakwa-Eskom usabise ngokuthi uzoyeka umsebenzi wakhe ngemuva kwezinyanga ezintathu ethathe izintambo njengoba esolwa ngokudukisa ibhodi kulandela ukuchithwa kwethenda ka-R14 billion.

Ilungu lebhodi lakwa-Eskom, uMnu Sifiso Dabengwa, uthe isikhulu esiphezulu u-Andre de Ruyter udukise ibhodi ngokuphakamisa ukuthi ithenda kawoyela ibiza kakhulu ngakho kumele ichithwe.

UDe Ruyter akazithathanga kalula lezi zinsolo futhi utshele usihlalo uMalegapuru Makgoba ukuthi uma uDabengwa engasuli esikhundleni sakhe yena uzosula kwesakhe. Uthe ngeke akwazi ukusebenza njengomphathi uma ibhodi lingasamethembi.

Lesi sinqumo senziwe ngemuva kokuthi uphenyo lwangaphakathi luveze ukuthi akukho okungalungile okwenziwe uDe Ruyter .

“Kuphakathi kokuthi ahambe, noma kuhambe mina,” kusho uDe Ruyter etshela uMakgoba, ngokusho kwe-News24.

UDabengwa wesula esikhundleni ngomhlaka-27 kuNtulikazi ngo-2020.

UDe Ruyter ubefuna ukuthi ithenda ichithwe ngoba isivumelwano besizobiza kakhulu. Ibizokwenza ukuthi inkampani edayisa i-Econ Oil ihlomule ngo-R8 billion, ngale kobufakazi – obavezwa abaphenyi bobunhloli – benkohlakalo baphambilini.

Inkohlakalo eyatholwa phakathi kuka-Eskom ne-Econ Oil yabikwa emaphoyiseni ngo-2020.

I-Econ Oil yamiswa njengomhlinzeki ngu-Eskom ngo-2018 kodwa yabuyiswa.

Ezinsukwini ezinhlanu uDe Ruyter eqokwe njengomphathi wakwa-Eskom, uhambele umhlangano wekomiti lezezimali lapho ibhodi lalicubungula khona ukwenyuswa kwesabelomali sethenda kawoyela seminyaka emihlanu.

Kuthiwa lesi sivumelwano sinyuke sisuka ku-R14 billion saya ku-R18 billion, okube yizindleko ezibiza kakhulu kule nkampani.

Njengoba amalungu ebhodi lakwa-Eskom uDabengwa noDe Ruyter bebelokhu bephikisana mayelana nesivumelwano sethenda, kugcine kuvotiwe.

Amalungu ayisikhombisa kwayishumi ebhodi avotele ukuhoxiswa kwesivumelwano sokukhishwa kwamathenda.

Yize sekuvotiwe, uDabengwa usamile esinqumweni sakhe futhi uthi umphathi wakwa-Eskom akasicubungulanga kahle lesi sivumelwano.

“Angikawushintshi umbono wami kulokhu engikushilo,” kusho uDabengwa etshela intatheli uKyle Cowan.

UCowan uzokhipha incwadi enesihloko esithi-Sabotage: Eskom Under Siege kuleli sonto.

Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian

Izihloko zakamuva