NgoLwesithathu ntambama u-Andre de Ruyter wesulile esikhundleni sokuba isikhulu esiphezulu kwa-Eskom.
I-News24 ibika ukuthi usihlalo webhodi uMpho Makwana waziswe ngesinqumo sikaRuyter ekuqaleni kwesonto.
UDe Ruyter uke waba senkingeni noNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi naMandla, uGwede Mantashe egxeka u-Eskom.
UMantashe usole u-Eskom “ngokuzama ukuketula umbuso” njengoba le nkampani kagesi iqhubeka nokucisha ugesi ongene esigabeni sesithupha ngesonto eledlule.
UNgqongqoshe uqhube wathi ukucishwa kukagesi kubi kakhulu kunokulawulwa kombuso.
Kuthiwa lesi sinqumo esenziwe uDe Ruyter sizoba nomthelela omubi njengoba kuthiwa izikhulu eziphezulu nonjiniyela bethi nabo bazosula ezikhundleni zabo.
UJan Oberholzer oyisikhulu esiphezulu sokusebenza nophinde abe umsekeli omkhulu kaDe Ruyter uzothatha umhlalaphansi ngoMbasa ngo-2023.
Elakuleli selibe nenkinga iminyaka eminingi mayelana nokucishwa kukagesi futhi njengamanje liphakathi nesigaba sesihlanu sokucishwa kukagesi.
UDe Ruyter uthathe izintambo kule nkampani ephehla ugesi ngoZibandlela ngo-2019 futhi naphezu kwemizamo yakhe akakwazanga ukuletha uzinzo kwa-Eskom.
U-Eskom noDe Ruyter abakasikhiphi isitatimende esisemthethweni ngalolu daba.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: U-Andre de Ruyter
Umthombo wesithombe: MyBroadband