Isikhishiwe esikhundleni iMeya yaseGoli

Everson Luhanga

UMasipala waseGoli usuneMeya entsha okunguDada Morero we-ANC.

UMpho Phalatse ukhishwe esikhundleni sokuba iMeya yedolobha elikhulu lakuleli ngemuva kokuba amakhansela angu-139 avotele isiphakamiso sokumketula kanti amanye amakhansela awazange abambe iqhaza kulolu mbimbi. 

Isinqumo seNkantolo eNkulu yaseGoli sokuvimbela ukukhishwa kukaPhalatse sihoxisiwe ngenxa yokuthi ngesikhathi iNkantolo ihlezi amalungu omkhandlu abesevele emvotele ukuba aphume. 

UPhalatse umemezele ukuthi umhlangano wayizolo ubungekho emthethweni.

Ngemuva kwenkulumo yeMeya izigungu zomkhandlu zicule izingoma, kulezo zigungu kubalwa i-Economic Freedom Fighters, i-African National Congress kanye namanye amaqembu amancane.

Ngokufanayo amalungu e-Democratic Alliance anqabile ukusayina irejista ephikisana nalokhu abakubiza ngokuhlala okungekho emthethweni.

Izihloko zakamuva