Isikhathi sokhetho, kodwa osopolitiki baseKZN baziqhelelanisa neNdlunkulu yakwaZulu

Celani Sikhakhane

INdlunkulu yakwaZulu iphinde yashayeka ngenxa yokuqhubeka kombango wesihlalo sobukhosi.

Kulokhu bakhishwe inyumbazane ngosopolitiki abavamise ukuhambela umndeni wasebukhosini ukuyofuna izibusiso ukuze bakwazi ukunqoba ukhetho.

Abanye abantu basebenzise lesi sikhathi ukuthula amaqembu abo amasha ezepolitiki eNkosini.

Lesi simo sesimise nezinhlelo zodlame lwezepolitiki lweNkosi uZwelithini KaBhekuzulu osekhotheme, ezavuselelwa ngalesi sikhathi somkhankaso wokhetho ukuthandazela ukuvota okunokuthula.

UMntwana uThulani Zulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isimo esikhona njengamanje senza kube nzima ukusingatha lezi zinhlelo.

“Sisabhekene nesimo esinzima emndenini wasebukhosini, esiphazamise ezinye zezinhlelo zethu. Yize sinezinkinga ezinje, kukhona abasavakashela iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngasese,” kusho uMntwana uThulani.

Abanye bosopolitiki abasezingeni eliphezulu abavakashela umndeni waseNdlunkulu yakwaZulu kubalwa umholi we-EFF uJulius Malema, owayengumholi we-DA uMmusi Maimane, uMengameli uCyril Ramaphosa, uNobhala-jikelele omisiwe we-ANC u-Ace Magashule, owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, umholi we-UDM uBantu Holomisa nabanye abaningi.

Impi yesihlalo sobukhosi bakwaZulu ibilokhu iqhubeka selokhu kwakhothama iSilo Samabandla uZwelithini KaBhekuzulu ngoNdasa.

Abantu abaningi bazile ukuzodambisa ukungezwani. 

Phakathi kwalabo abangenelele kubalwa uRamaphosa, iNkosi uMakhosetive Mswati iii, owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natali uWillies Mchunu, neNkosazana uCharlene wase-Monaco, ongumngani omkhulu weSilo uGoodwill Zwelithini KaBhekuzulu.

Izihloko zakamuva