Owayengumshayeli we-Formula 1 uJohnny Herbert usefake ukungabaza ngekusasa likaLewis Hamilton neqembu le-Mercedes njengoba liqhubeka nokuzabalazela ukuthola ifomu yalo.
Iqembu le-Mercedes lidlale ngendlela encomekayo emqhudelwaneni we-Australian Grand Prix ngeledlule kodwa alikho efomini enhle ukuthi lingancintisana neqembu le-Red Bull.
Uma uHamilton efuna ukuqopha umlando ngokuwina umqhudelwano womhlaba wesishiyagalombili kungase kudingeke ukuthi athuthele kwelinye iqembu.
UHerbert ukholelwa ekutheni uHamilton angase aye kwi-Ferrari uma i-Mercedes ingakhiqizi imoto yokuncintisana maduze.
“Bangakujika lokhu? Uma kungasebenzi lokho uLewis usafuna ukuncintisana kodwa ngabe ucabanga ukuthi akuyona indawo yakhe le, uyaphi pho?” kusho uHerbert etshela i-Standard Sport.
UHerbert uphinde waveza ukuthi ukwenza ushintsho olukhulu manje kungase kube nzima kumshayeli waseBrithani osekupheleni komsebenzi wakhe njengoba eseneminyaka engu-38 ubudala.
“Ngabe unomuzwa wokuthi angakwazi ukuthatha amandla akhe kanye nabantu be-Mercedes njengoba uMichael Schumacher enza futhi empeleni washintsha futhi wayiqondisa ngendlela enhle? Inkinga ngalokho ukuthi isikhathi asilindile yena,” esho.
Mhlawumbe i-Ferrari isondele kakhulu kwi-Red Bull kune-Mercedes kanti uHamilton useke washo ukuthi kuyiphupho lakhe ukugijima eqenjini le-Red Bull.
Ukungena kukaGeorge Russel kwi-Mercedes nakho kwenze ukuwina lo mqhudelwano womhlaba wesishiyagalombili kube nzima kuHamilton.
URussel uqede ngaphambi kukaHamilton ngesizini edlule futhi sekungokwesithathu uHamilton ehlulwa uzakwabo.
UGeorge ukwazile ukumbekela inselelo nokumfakela ingcindezi enkulu,” kusho uHerbert.
Iphupho likaHamilton lokuwina umqhudelwano wesishiyagalombili lingase ligxile ekutheni athuthele kwi-Ferrari kodwa okwamanje i-Red Bull isasele ngamamayela ngaphambi kwe-Azerbaijan Grand Prix ezoba ekupheleni kukaMbasa.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Esithombeni esingenhla: ULewis Hamilton
Umthombo wesithombe: Twitter