Menzi Magubane
IBafana izoqala umkhankaso wayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yowezi-2022 ngoLwesihlanu lapho izodlala khona ne-Zimbabwe ku-Group G – umdlalo wokuqala iqembu elizowudlala nomqeqeshi omusha weBafana Bafana uHugo Broos.
Umsebenzi womqeqeshi wase-Belgium ukuqinisekisa ukuthi iBafana iyafaneleka ukuthola umklomelo wokugcina webhola lezinyawo, iNdebe YoMhlaba ye-FIFA, ezoba e-Qatar ngowezi-2022.
Ukugcina kweBafana ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba kwenzeka emashumini amabili edlule ngowezi-2002 emqhudelwaneni owawudlalelwa e-Korea nase-Japan.
Isikhathi sokuqala lapho abangenela khona lo mncintiswano kwaba ngowe-1998 e-France. INingizimu Afrika idlale emiqhudelwaneni emithathu yeNdebe yoMhlaba, okokugcina kwaba ngowezi-2010 ngenkathi isingathe lo mqhudelwano ngakho-ke yathola ithuba lokungena ngokuzenzakalelayo.
UBroos umelwe umsebenzi onzima. Abaphathi bakhe, i-SAFA, baziwa ngokungacicizi uma umqeqeshi ehluleka ukusebenza – ikakhulukazi uma kudlalelwa ukuhlungela imiqhudelwano emikhulu.
UMolefi Ntseki angakufakazela lokho ngemuva kokuthi iBafana yehlulekile ukungena kwi-CAF Africa Cup of Nations (i-Afcon) ezoba e-Cameroon. Wakhonjiswa umnyango ophumayo uBroos wangena esikhundleni sakhe.
Umphikisi wabo onzima kakhulu ku-Group G yi-Ghana. Futhi la maqembu amabili ase-Afrika azobhekana ngoMsombuluko eNingizimu Afrika.
La mazwe amabili agcina ukuhlangana kweyokuhlungela i-Afcon. Lowo mdlalo waphela kabuhlungu lapha ekhaya futhi i-Ghana yahlungela umqhudelwano omkhulu wase-Afrika.
Kukhona nabase-Ethopia abanenkani ku-Group G. IBafana igcina ukudlala nabo yawina lowo mdlalo ngowezi-2013 e-Ethiopia.
Umdlalo wase-Zimbabwe kuzoba umdlalo wokuqala osemthethweni kaBroos selokhu athatha izintambo kuNtseki ngoNhlaba. IBafana isidlale imidlalo eminingi kusukela ngenkathi uBroos ethatha izintambo, kodwa kowase-Belgium wayengekho kuyona yonke leyo midlalo.
Ubesekhaya ukuyogomela i-Covid-19 ngesikhathi iBafana ishaya i-Uganda nangesikhathi inqoba i-Cosafa Cup. UHelman Mkhalele noCedomir Janevski babekhona ukuhola iqembu kulokho kunqoba.
Iqembu alikhethile kule midlalo libandakanya ubuso obusha iningi labo okungabadlali abancane abangenalo ulwazi ngemidlalo yaphesheya.
Umthombo wesithombe:@safa.net