Isikhathi seqiniso kumaqembu amathathu aseNingizimu Afrika kwi-CAF

Menzi Magubane

Isikhathi seqiniso sigcine sifikile ku-Kaizer Chiefs, i-Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates emiqhudelwaneni yabo ye-CAF kule mpelasonto.

Abathandi bebhola baseNingizimu Afrika bazonamathela komabonakude babo bebukele futhi benethemba ukuthi labo ababizwa nge- “Big Three” bezwe badlulela kuma-semi final abo.

Amakhosi ayizintandokazi ukudlulela kowamanqamu e-Champions League ngemuva kokunenebula i-Simba ngo 4-0 emlenzeni wokuqala eSoweto ngoMgqibelo odlule. I-Chiefs vele ise-Tanzania ngomlenze wokubuya ohlelelwe uMgqibelo e-Benjamin Mkapa National Stadium ngo-3 ntambama.

Kuningi okubikiwe mayelana nokuthi i-Simba iguqule kanjani amaphuzu afanayo eminyakeni engama-42 edlule, ishaya i-Mufulira Wanderers yase-Zambia ngo 5-0 ekhaya futhi yanqoba ngokulingana ngo 5-4 ukuze idlulele esigabeni esilandelayo kulo mqhudelwano. Abadlali abakhona manje bathe bafuna ukulingisa lowo mlando omangalisayo.

Kodwa ngomgadli we-Chiefs uSamir Nurkovic lokho kuwumlando nje.

“Ukukhuluma iqiniso, asikwazi ukucabanga ngalezo zinto. Okudingeka sikwenze nje ukugxila emdlalweni wethu, ukuthi sizokwenza kanjani ngoMgqibelo,” kusho uNurkovic.

Lo mdlali wase-Serbia ubambe elikhulu iqhaza ekunqobeni kwe-Chiefs ngesonto eledlule, washaya amagoli amabili. Nase-Tanzania umdlalo ofanayo uzolindeleka kuyena nozakwabo uma i-Chiefs ithola isicoco.

“Kumele sihlale sigxilile futhi siqhubeke nomoya ofanayo wokulwa kusuka emdlalweni odlule, siqhubeke nokusebenza okufanayo futhi konke kuzolunga. Senza konke okusemandleni ukungena kuma-semis.”

E-Tshwane, i-Sundowns nayo izobe ibheke ukuthi iguqule umdlalo ka-2-0 womlenze wokuqala ngoMgqibelo. I-Downs ihlulwe yi-Al Ahly e-Egypt kowe-Champions League kanti ngoMgqibelo izodlala nayo e-Lucas Moripe Stadium ngo-3 ntambama.

Elinye iqembu elibhekene nomqansa wokukhuphuka i-Pirates. I-Bucs izenzele impilo enzima ngesikhathi ibanjwa ekhaya i-Raja Casablanca ngeSonto eledlule ku-Confederation Cup.

Manje abadlali base-Morocco banegoli elibalulekile ekuhambeni beya emlenzeni wokubuya ngeSonto e-Stade Mohamed V Casablanca ngo-6 ntambama.

Umthombo wesithombe: @kaizerchiefs

Izihloko zakamuva