Isikhalo onogada nomabhalane baqashwe emaphoyiseni

Celani Sikhakhane

Umbutho weSAPS KwaZulu-Natali kuphoqeleke ukuthi uqashe omabhalane nonogada ngemuva kokuthi iningi lalabo abebengene kulezi zikhundla okwesikhashana bafeyile iphepha lesivivinyo esibucayi.

Lokhu kuhlolwa kuthathwe njenge ngxenye yomkhankaso wokuqashwa kwamaphoyisa amasha angu-12 000, kulandela ukuxokozela kwamaphoyisa abambe okwesikhashana akhala ngenkohlakalo uma kuqashwa, okuthiwa kuholele ekutheni anakwe kakhulu.

Kodwa-ke, isikhulu esiphezulu komkhulu lamaphoyisa eKZN sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi iningi lalabo abebengene kulezi zikhundla okwesikhashana alikwazanga ukuqashwa ngemuva kokwenza kabi kwisivivinyo sokusebenza kwengqondo.

Iphoyisa, elingathandanga ukudalulwa igama, lithe ukuhlolwa kuyisidingo esibucayi kakhulu sokuthi umuntu aqashwe kwa-SAPS.

“Iphepha le-psychometric lihlola isimo sakho somqondo ukuthi ngempela uzokwazi yini ukuziphatha ngendlela edingekayo emsebenzini,” kuchaza iphoyisa.

“Uma ufeyila lesi sivivinyo uphumile.”

Uthe kuze kwafaneleka ukuthi kuqashwe omabhalane nonogada ukuze bagcwalise lezi zikhala, njengoba umnqamulajuqu ususondele.

Abebebambe okwesikhashana bayasichitha isinqumo sokushaywa kwabo ngesithende.

“Lokhu akulungile neze futhi bazi kahle kamhlophe ukuthi abakhulumi iqiniso mayelana nalolu hlelo. Abanye bethu babeka izimpilo zabo engozini ukuze bavikele izinxanxathela zezitolo nezinye izakhiwo ezibucayi phakathi nezibhelu zangoNtulikazi ngesikhathi amaphoyisa amaningi eziqhelelanisa nalezo zikhathi zokusebenza ezisabekayo,” kusho omunye obebambe okwesikhashana obethukuthele egane unwabu.

Baphinde bakhumbuza umbutho wamaphoyisa ukuthi abaseKZN abebebambe okwesikhashana bachithe iminyaka emibili edlule besebenza ngokuzikhandla ngaphansi kwemithetho ye-Covid-19 ngaphandle kokuthola iholo.

Scrolla World Cup Quiz