Isikhalo ngokushoda kukapende

Ifilimu ezayo ka-Barbie ibangele ukushoda kukapende obomvana emhlabeni wonke nokuyinto eshiye abahlobisi bekhungathekile.

Isifiso esingapheli somkhiqizo wombala sishiye izinkampani zikapende zingaphansi kwengcindezi ukuze zihambisane nesidingo nokuyinto eholele ekutheni kunciphe amasheya nokuthi namakhasimende asale edidekile.

Umklami wezingubo wefilimu uSarah Greenwood uvumile engxoxweni abe nayo ne-Architectural Digest ukuthi umhlaba uvele waphelelwa umbala obomvana.

Uthe upende obomvana uqedwe ifilimi i-Barbie.

Kodwa-ke, konke akukho njengoba kubukeka. Iphini likaMengameli wokumaketha emhlabeni wonke wenkampani yokupenda i-Rosco, uLauren Proud ucacisile ngalesi simo.

Nakuba evuma ukuthi ifilimu “iwuqedile upende” i-Proud iveze ukushoda kwezehlakalo eziningi: izinkinga ze-global supply chain, isimo sezulu esibi esidala umonakalo ezintweni ezibalulekile kanye nesidingo esikhulu sefilimu ethandwa kakhulu.

Kodwa kumele singawukhohlwa umbono womqondisi. UGreta Gerwig ongungqondongqondo wokusetshenziswa kukapende obomvana uchaze ukuthi ubehlose ukuthwebula umnyombo wokuheha we-Barbie wasebunganeni.

Ufune ugqozi emithonjeni ehlukahlukene njenge-Kaufmann House e-Palm Springs okuyimidwebo emihle kaWayne Thiebaud, i-whimsy kaPee-wee’s Big Adventure kanye nothando lwefilimu yango-1951 ethi-An American in Paris.

Umphumela uthini? Umhlaba othathe upende obomvana “cishe omningi kakhulu” – ukuhlonipha ukuba khona kuka-Barbie okuyisakhiwo sodumo.

Abaklami besethi abahlakaniphile bakwazile ukuthola upende owanele obomvana ukuze kuqedelwe ukukhiqizwa kwefilimu okwenzeke e-Warner Bros Studios, e-Leavesden e-United Kingdom.

UMargot Robbie ungene endimeni eyisimanga kaBarbie kanti uRyan Gosling udlala indima yokuba umngani kaKen. Phakathi kwabalingisi abakhona kubalwa uWill Ferrell, uSimu Liu, uDua Lipa, uHelen Mirren, u-Issa Rae, u-America Ferrera, uKate McKinnon, uMichael Cera kanye noNcuti Gatwa.

Ifilimu i-Barbie izophuma ngomhlaka-21 kuNtulikazi.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: U-Barbie

Izihloko zakamuva