Isikhalo ngohulumeni ongakwazi ukuxhumana nezakhamizi

Zukile Majova

Uhulumeni we-ANC kusamele ufunde ukuthi ukungaxhumani kahle nabantu kuyisisusa senhlekelele futhi kuvame ukuzala ukungathembani, ukungaboni ngaso linye, ukuhilizisana, isimilo esiphansi kanye nokugeja amathuba.

Uhulumeni ohlulekayo ukuxhumana nabantu nguhulumeni ozizwa enegunya lokwenza umathanda ngokungahloniphi kanye nokuziphendulela ikakhulukazi kubakhokhi bentela.

Isibonelo salokhu yisifiso sikahulumeni wethu sokunikela ngemali engu-R50 million yabakhokhi bentela e-Cuba, okusobala ukuthi inenkinga yokushoda kwemithi, ukudla, uphethiloli kanye nogesi.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi abakhokhi bentela bakhiphe u-R83 million wophiko lwezokwelashwa e-Cuba oluhlasele ogwini lwethu ukuze lusize ekulweni ne-Covid-19.

Uhulumeni wase-Goli ukuqinisekisile ukukhokhela amaholo aphakathi kuka-R900,000 no-R1.6 million kudokotela ngamunye wase-Cuba, okwenza isamba sika-R32.5 million kubantu abangu-28 base-Cuba.

Ukukhala kwabantu bekuzwakala kodwa akuchazwanga kangako kwizakhamuzi ngolimi olulula esingaluqonda.

Thina esifundile ngomlando we-ANC sisala sichaza ngobudlelwano phakathi kwe-ANC (kanye nabantu abamnyama baseNingizimu Afrika) nezwe likaFidel Castro kubantu abavamile lapha KwaBhaca.

Yenzani ukuthi abantu bakuqonde ukuzinikela kwabantu base-Cuba, amasosha abo alele angcwatshwa ndawonye namasosha oMkhonto WeSizwe ayelwa namasosha obandlululo empini ye-Cuito Cuanavale e-Angola ngasekupheleni kweminyaka yango-80s.

Amasosha ase-USSR (i-Mother Russia) nawo alwa ngasohlangothini olulodwa ne-ANC kanti lokhu kuchaza ngesimo esibucayi sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokungakugxeki ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine.

NgoLwesibili iJaji uBrenda Neukircher weNkantolo eNkulu yase-North Gauteng linikeze i-AfriForum incwadi ephuthumayo yokuvimba isinqumo sikahulumeni sokunikela ngemali engu-R50 million e-Cuba.

Inhlangano elwela amalungelo abantu i-AfriForum nayo yasungulwa ngenxa yokukhungatheka kwezigaba zabantu ngokumelene nohulumeni ohlulekayo ukuxhumana nabantu noma ovele athathe abavoti kalula.

Namuhla kunemibhikisho yansuku zonke ezweni lonke evela emiphakathini ekhungathekiswe uhulumeni ongafuni ukuxhumana nabo nophinde angafuni ukuzwa.

Okuningi kwalokhu kukhungatheka kungalawuleka ukube uRamaphosa ubengenza isizwe sikholelwe kuyena futhi akhulume nathi ngokungagwegwisi  ngezinselelo ezisaqhubeka nokuhlehlisa iphupho leNingizimu Afrika ephumelelayo.

Izihloko zakamuva