Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umholi weSikebhe usekubeke kwacaca ukuthi amaphoyisa athinteka ekwebiweni kwemfuyo bazowathela isibhaxu futhi kukhona asebewaqalile kwezinye izindawo.
UMnuz Sibangani Manyathi ukusho lokhu emhlanganweni womphakathi obuseNquthu muva nje nobuhanjelwe izakhamizi kanye nezikhulu zamaphoyisa.
Uthe kukhona amaphoyisa asebewabambile koMtubatuba bawathela induku ngoba ethinteka ekwebiweni kwezinkomo.
“NamaPhoyisa sesiyawashaya impela lawa angamasela emfuyo asidlali uma sithi siqeda ubugebengu. Siyanxusa futhi ukuthi nawo amaphoyisa awasijoyine iSikebhe ukuze abambisane nathi ekulweni nokwebiwa kwemfuyo . Labake abasabisa ngokusibulala ngithi kubo akenizame kodwa angeke nisiqede iSikebhe,,” usho kanje.
ISikebhe sesineminyaka silwa nokwebiwa kweMfuyo ezindaweni zasemakhaya kanti sasungulwa uManyathi ngonyaka ka-2003 ngesikhathi kusadlange kakhulu ukwebiwa kwemfuyo ikakhulukazi izinkomo nokuthiwa zazithathwa emzini yabantu ebusuku eNquthu ziweliselwe eMahlaba,eMsinga ziyodayiswa khona amasela.
Ngonyaka ka-2007 owayenguNgqongqoshe wezokuPhepha eKZN uMnuz Bheki Cele wakhipha umyalelo wokuba iSikebhe sihlakazwe ngoba ethi siyiqembu lezepolitiki futhi sishaya abantu ngesihluku abasuke besolwa ngokweba imfuyo.
Yize ayelwa naso kodwa iSikebhe asikaze silungenele ukhetho kuze kubemanje kanti abaphathi baso bathi akakhohlwe ngoba asisoze sahlakazwa.
