Dalphine Tagwireyi
Ukuya esitolo kuphele ngosizi ngoMsombuluko ngesikhathi owesilisa edutshulwa wabulawa unogada wesitolo kwingxabano equbuke ngokushintsha inabukeni lengane.
UThabiso Makgatlene obeneminyaka engu-37 wase-Malahleni, e-Mpumalanga kusolakala ukuthi uhilizisane nonogada ngemuva kokuba unkosikazi wakhe ezame ukushintsha inabukeni lengane yabo esitolo ngaphakathi.
Unkosikazi kaThabiso uMpho Makgetlaneng utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bebesesitolo ngesikhathi umntwana edinga ukushintshwa inabukeni.
“Sizamile ukushintsha inabukeni ngesikhathi kufika unogada ememeza.
Kube sekuba nengxabano eshubile uThabiso embuza ukuthi ungithethiselani esikhundleni sokuthi uthi asiphumele ngaphandle,” kuchaza unkosikazi.
“Ngaphumela ngaphandle kodwa ngezwa kuthiwa kusaqhubeka umsindo esitolo.
Ngokushesha ngemuva kwalokho, bobabili baphume esitolo besaqhubeka nokuhilizisana.
Ingxabano iqhubekile yashuba kwaze kwagcina sekuqubuka udlame. Ngokusho kukaMpho unogada waphusha uThabiso naye wamuphusha.
“Ngaleso sikhathi ngezwa umsindo omkhulu. Ngiphuthume kumyeni wami ngabona ukuthi udutshulwe ekhanda. Ngavele ngamemeza kakhulu,” kusho unkosikazi kamufi.
UMpho uthe ubehlale ethenga esitolo njengoba singesinye sezitolo ezishibhe kakhulu edolobheni kodwa uyazisola ngokuya khona ngoMsombuluko.
UMpho uhlale nesidumbu sikaThabiso isikhathi esingaphezu kwehora. Ugcine esemboza ikhanda ngoplasitiki obonakalayo njengoba ubuchopho bakhe bebuhlakazekile nabantu sebebuthene la phambi komzimba.
Okhulumela umndeni wakwaMakgetlaneng uTimothy Dlamini uthe lo mndeni obusakhula ulahlekelwe insika yomuzi.
“Sididekile futhi sihlukumezekile. Udaba obelungaxazululeka ngaphandle kokuthi kusetshenziswe isibhamu manje selushiye umndeni ungenababa,” kusho uTimothy.
UDlamini uthe abanikazi besitolo esikhulu esizimele sebenike umndeni imali engu-R200 000 ukuze usize ekungcwabeni uThabiso.
“Ayikho imali ezothatha indawo yokuphila komuntu. Izingane ezintathu azinababa namuhla ngenxa yesinqumo sikanogada esinyantisa igazi,” kusho uDlamini.
Okhulumela amaphoyisa ase-Mpumalanga uBrigadier uSelvy Mohlala usiqinisekisile lesi sigameko wathi umsolwa uboshwe ngoMsombuluko kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Witbank.