Isihluku umkhulu ebulala ugogo umzukulu esendlini 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Bese kuphele iminyaka engu-30 uTinny Nkgudi ebekezelele zonke izinhlobo zokuhlukunyezwa ngumyeni wakhe njengoba ngoMsombuluko ekuseni  kusolwa ukuthi umbulele.

Kusolwa ukuthi umzukulu wakhe oneminyaka eyisikhombisa uqhamukile ngesikhathi ezama ukubulala umkakhe, kanti umsolwa ezama ukugwema ukuthi umzukulu angahayizi ukuze acele usizo, umvalele ku-wardrobe wabe esebulala ugogo wakhe.

Kusolwa ukuthi umsolwa oneminyaka engu-53 ubudala ushaye uTinny ngocelemba nefosholo wamlimaza waze wamephula izingalo zombili wamukhipha namazinyo.

Kamuva ngalolo suku indodakazi kaTinny, uCarol Modjadji ibikhathazekile ngesikhathi ngesikhathi ibuya emsebenzini ifica indlu ikhiyiwe. 

“Ngizamile ukufonela umama, kodwa umakhalekhukhwini wakhe ubuvaliwe. Bengithukile futhi ngosizo lomakhelwane sanquma ukugqekeza ingidi ukuze singene ngenkani.

“Bengikhathazekile ngokuphepha kwendodana yami ngiqale ukubheka ekamelweni. Igxume yaphuma ku-wardrobe ishaqekile,” etshela i-Scrolla.Africa.

UCarol uthe indodana yakhe imtshele ukuthi umkhulu wakhe ushaye ugogo wakhe ngefosholo wasabisa ngokumbulala naye.

“Ngifice umama elele ethule kugcwele igazi eliningi kanti abezimo eziphuthumayo bathole ukuthi useshonile,” engeza.

UCarol uthe empilweni yakhe ukhule ehlezi enovalo lokuthi ngelinye ilanga uyise uyomubulala unina.

Angazi zingaki izincwadi zokuzivikela umama amtholela zona emaphoyiseni.

Waboshelwa ukushaya uTinny ngoNhlaba, kodwa wadedelwa ngoMandulo.

UCarol wengeze ngokuthi umndeni nabangane bakwazile ukuncenga umama wakhe ukuthi amvumele abuyele ekhaya ngoMfumfu ngoba wayethi usifundile isifundo sakhe. Kodwa ngemuva kwamasonto ambalwa ebuyile, waqala ukumhlukumeza futhi.

Okhulumela i-EMPD, uLieutenant Colonel Kelebogile Thepa uthe umsolwa uboshwe ngoMsombuluko kulandela ukuncinzwa indlebe ngendawo abecashe kuyo.

“Kutholakale umakhalekhukhwini kankosikazi wakhe kuye wavele wakhomba izingubo abezigqokile ngesikhathi eshaywa ebezifihlwe ngaphansi kombhede.

“Umsolwa uboshiwe kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseTsakane maduze.”

Osesithombeni esingenhla: UTinny Nkhudi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva