I-Iran ibulale isiboshwa sokuqala esaziwayo ukuthi sibambe iqhaza embhikishweni oqhubekayo ezweni lonke.
Lesi isigwebo sentambo sokuqala esikhishwa i-Tehran.
I-Haaretz ibika ngokusho kwe-Tehran ukuthi lo wesilisa ulahlwe icala lokuhlasela ilungu lombutho wezokuvikela.
Ubesolwa ngokuvala umgwaqo nokusebenzisa ucelemba ngesikhathi sokuhlaselwa.
Lo wesilisa uMohsen Shekari ubulawe ngoLwesine ekuseni.
Waboshwa ngomhlaka-25 kuMandulo walahlwa icala ngomhlaka-20 kuLwezi ngecala le-moharebeh okuyigama lesifarisi elisho ukulwa noNkulunkulu.
Lokhu kubulawa kuza njengoba esinye isiboshwa sibhekene nesigwebo sentambo ngokubandakanyeka kwaso emibhikishweni.
Umbhikisho uqhamuke njengokukhalaza ngesihluku samaphoyisa e-Iran ngemuva kokushona kukaMahsa Amini esitokisini samaphoyisa ngoMandulo. UMahsa waboshelwa ukungayigqoki ngendlela i-hijab yakhe kanti ukushona kwakhe kusolwa ukuthi washaywa amaphoyisa.
Izishoshovu zixwayise ngokuthi abanye bangase babulawe esikhathini esizayo esiseduze. Bathi kuze kube imanje inqwaba yabantu isithole izigwebo zentambo ngenxa yokubandakanyeka kwabo kulo mbhikisho.
UMohmood Amiry-Moghaddam umqondisi weqembu lezishoshovu i-Oslo Iran Human Rights ubhale ku-Twitter ukuthi: “Ukubulawa kuka- #MohsenShekari kumele kuhlangatshezwe ukudinwa, ngaphandle kwalokho sizobhekana nokubulawa kwansuku zonke kwababhikishi.
“Lokhu kumele kube nemiphumela esheshayo emhlabeni jikelele.”
Isikhungo sezindaba i-Mizan esiphethwe iNkantolo yezwe, sithe uShekari ulahlwe icala eNkantolo Yezinguquko yase-Tehran evamise ukuvala amacala agxekwe umhlaba wonke ngokungavumeli labo abanecala ukuthi bazikhethele abammeli babo.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe ngenhla: Imibhikisho e-Iran
Umthombo wesithombe: @Haaretz.com