Isihluku ugogo edutshulwa inhlamvu yenjoloba

Doreen Mokgolo

Ngeke aphinde akwazi ukusebenzisa ingalo yakhe ugogo odutshulwe inhlamvu yenjoloba ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuhlakaza isixuku sabantu baselokishini eDuduza e-East Rand.

NgoMsombuluko, njengoba impi phakathi kwezakhamuzi zaseDuduza  ne-EMPD amaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni ibishubile phambi komuzi wakhe, ugogo uJosephine Makhubo unqume ukuzivalela nabazukulu bakhe abancane ekamelweni lakhe.

Izakhamuzi zaseDuduza, e-Ekurhuleni zigcwale imigwaqo zibhikishela ukwelulwa komthwalo endaweni yazo.

Ngesikhathi kuqhubeka umdonsiswano phakathi kwezakhamuzi namaphoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni,    umphakathi ujikijele amatshe amaphoyisa adubula ngezinhlamvu zenjoloba.

Ngesikhathi esahleli embhedeni wakhe,  kungene inhlamvu yenjoloba ngefasitela yamshaya ehlombe.

Ngesikhathi ewela phansi ezama ukuvikela abazukulu bakhe ababili, ugogo uphuke ingalo yakhe yangakwesokunxele ngemuva kwalokho isandla asisakwazi ukusebenza.

UMakhubo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unqume ukuba isihlangu  ukuze avikele abazukulu bakhe.

“Eminyakeni yami, mancane kakhulu amathuba okuthi ngilulame ngokugcwele. Kufanele ngibanakekele kanjani abazukulu bami uma ngingakwazi nokuzigqokisa mina?” ebuza.

“Angiqondi ukuthi kungani amaphoyisa edubule egcekeni lami ngoba umbhikisho ubusemgwaqeni.

“Ngicabanga ukuthi amaphoyisa avele ajabulela ukuthi ayadubula nje. Kanti awaqeqeshwa yini ukubhekisa endaweni eqondile uma bedubula?”

Ugogo ohola impesheni uthe kusukela ngoMsombuluko uzama ukuvula icala emaphoyiseni.

“Amaphoyisa angitshela ukuthi kumele ngivule icala kwa-EMPD kodwa nakhona bangitshela ukuthi kumele ngibikele umphathi siteshi. Ngithe uma ngicela ukubona umphathi siteshi ngatshelwa ukuthi akekho futhi ngeke akwazi ukunginika imininingwane yakhe noma angithumelele umyalezo,” kusho ugogo.

Ugogo okhungathekile enjalo uthe ufuna labo abathintekayo baphendule.

Udokotela umtshele ukuthi ingalo yakhe iphukile futhi kungenzeka angasakwazi ukuyisebenzisa futhi.

Okhulumela i-Brakpan EMPD uKelebogile Thepa uthe abalwazi lolu daba futhi bakhuthaza isisulu ukuba siye emaphoyiseni.

“Sizolulandela lolu daba futhi siqinisekise ukuthi luyalungiswa,” kusho uKelebogile. 

Izihloko zakamuva