Isihluku owesilisa edlwengula ebulala intombi nto

Zukile Majova

Awekho amazwi angaduduza ugogo wase-Eastern Cape othume umzukulu wakhe ukuthi ayoboleka u-R10 kumakhelwane wakhe wabe esezwa ukuthi ingane yomntanakhe idlwenguliwe yabulawa ngumakhelwane.

Ngisho noNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane uzame konke okusemandleni akhe ukududuza umndeni ngesikhathi evakashele khona e-Bhaziya ngaphandle kwase-Mthatha ngoLwesibili.

NgeSonto ugogo ka-Emihle Tukani wathumela umzukulu wakhe obeneminyaka engu-12 ubudala ukuthi ayoboleka u-R10 kumakhelwane wakhe njengoba wayeshodelwa imali yokugibela ibhasi eliya e-Mthatha ukuze ayohola  impesheni yakhe ngoMsombuluko ekuseni.

Umakhelwane wavuma ukuboleka isalukazi imali wabe esesitshela ukuthi u-Emihle akeze endlini yakhe azolanda leyo mali.

Kungaleso sikhathi lapho athola khona ithuba lokumkhumula  wamdlwengula ngaphambi kokuba amphule intamo, wabe esefihla isidumbu sakhe ngemuva kwesibaya sezinkomo.

Umfundi webanga lesithathu obefunda esikoleni samabanga aphezulu e-Mphuthi ubeyingxenye yeqembu elizigqajayo lamasiko elibizwa nge-Inkciyo elifundisa amantombazane asemancane mayelana nokuziphatha nokungazibandakanyi ocansini.

Leli qembu elingaphansi kwe-Inkciyo Eastern Cape liyaziwa ngokuhlola izintombi.

Imfundisoze eyafafazwa kusaqala ubhubhane lwe-HIV/Aids eNingizimu Afrika yokuthi ukulala nentombazane eyintombi nto kuyaselapha isifo sengculazi ngamampunge abeka amantombazane asemancane engcupheni yokudlwengulwa.

“Umthetho uzobhekana ngqo nabenzi bobubi,” kusho uNdunankulu uMabuyane. “Sinxusa imiphakathi ukuthi isebenzisane namaphoyisa ukuze kutholakale abantu abenze lento. Masingazithatheli umthetho siwubeke ezandleni zethu ngenxa yentukuthelo.”

Isishoshovu samalungelo ezingane uMnu uPetros Majola weKhula Community Project uthe umyalezo kaNdunankulu ufike sekudlule isikhathi njengoba umbulali nomdlwenguli etholakele eseshonile futhi akekho kulo mphakathi ofuna ukungena ezingxoxweni ezimayelana nesimo sokushona kwakhe.

Kubukeka sengathi lo wesilisa  uqhamuka e-Elliotdale.

“Umenzi wobubi akayena owakulendawo. Ufike lapha embhethe isikhumba semvu manje sizwa kuthiwa kunamanye amacala abhekene nawo lapho ephuma khona e-Xhora,” kusho uMajola.

Isigodi sase-Bhaziya singaphansi kweNduna uMinenkulu Joyi isishoshovu esaziwayo esilwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye nokuhlukunyezwa kwezingane.

Izihloko zakamuva