Isihluku ngommeli odutshulwe wabulawa e-Thohoyandou ngabesilisa abangaziwa

Elmon Tshikhudo

Ummeli odumile wase-Thohoyandou, uMmbambadzeni Manwadu, udutshulwe wabulawa ngeSonto ebusuku esigamekweni okusolakala ukuthi besihleliwe.

UManwadu obeneminyaka engu-46 engummeli obesebenza ne-Thohoyandou Legal Aid, kuthiwa ufike ekhaya ngabo-8.30 ebusuku wavula isango emzini wakhe. Ngaphambi kokuthi abuyele emotweni kuvele kwaqhamuka abesilisa ababili abakade behlomile okukholakala ukuthi kade bevele bemlindile.

Bamdubule buqamama ngaphambi kokuba babaleke ngezinyawo.

Kutholwe amagobolondo amaningi ezinhlamvu egcwele endaweni yesigameko kodwa akukho lutho okuthathwe emzimbeni wakhe nasemotweni kanti abaningi bakholwa ukuthi ukubulawa kwakhe kungenzeka ukuthi kuhlobene nomsebenzi awenzayo.

Okhulumela umndeni uThina Manwadu uthe namanje abakholwa ukuthi akasekho.

“Kuningi okuhle ebesikulindele kuyena. Bekuyena okwazi ukuhlanganisa umndeni futhi ukushona kwakhe silahlakelwe umuntu obelungile,” kusho uThina.

Akakaze akhalaze ngomunye umuntu, kungaba isemsebenzini noma emndenini.

Uthe namanje basasebumnyameni ngembangela yokubulawa kwakhe njengoba engenazo izitha.

Ilungu lomphakathi lithe bakholwa kakhulu ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nomsebenzi wakhe.

 “Ukubulawa kwakhe kuhlangene nezinkontileka,”. kusho ilungu lomphakathi. 

“Bafike bambulala bangathatha lutho kuye. Shuthi inhloso vele bekuwukumbulala   futhi benza isiqiniseko sokuthi bayakufeza lokho kulandela ukumdubula ngemvula yezinhlamvu.”

UBrigadier uMotlafela Mojapelo wamaphoyisa ase-Limpopo usiqinisekisile isigameko.

“Sivule icala lokubulala futhi sesiphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abasagcwele izinkalo,” kusho uMotlafela.

Izihloko zakamuva