Isihluku ngobhejane abazingelwa ngokungemthetho

Kamogelo Olaitan

Ubhejane omhlophe owahlaselwa ngesihluku ngabazingeli befuna izimpondo zawo eminyakeni eyisithupha edlule udedelwe wabuyela esiqiwini ngoMsombuluko.

Ubhejane oneminyaka eyishumi obizwa ngoSihaukele, okusho ukuthi uNkulunkulu makasihawukele, kudingeke ukuthi uhlinzwe izikhathi ezingu-30 ukuze kulungiswe inxeba elibi ebusweni bawo.

Ngemuva kokuhlaselwa uSiha, utholwe ngamaphoyisa ephelelwe amandla eduze kothango esiqiwini engakwazi ukuzwa nokudla.

Ngaleso sikhathi, ubhejane waphuthunyiswa kudokotela wezilwane zasendle uJohan Marais. UMarais uphethe inhlangano ebizwa ngokuthi i-saving the survivors, elungisa obhejane abasinde ekubulaweni ngokungemthetho.

Samsung Galaxy 14G

UMarais uthe uSeha uselulame ngokuphelele.

“Okulandelayo sizomphindisela esiqiwini esingamahektha angu-2 000 lapho sibeke khona obhejane besifazane ababili abaseminyakeni yokuzala,” kusho uMarais etshela i-AFP.

Izimbobo ze-sinus zikaSiha zisavulekile, okungadala ubungozi bokuthi zingapholi.

Ubuyiselwe endle ngethemba lokuthi uzozalisa asize ekwandiseni obhejane abanciphayo.

Indawo agcinwe kuyo izoba imfihlo ngethemba lokumvikela ekuhlaselweni kokuzingelwa ngokungemthetho esikhathini esizayo.

Ukubulawa kobhejane sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba eNingizimu Afrika njengoba izimpondo zishushumbiselwa emazweni ase-Asia ukuze zihlangabezane nesidingo esikhulu lapho zisetshenziswa khona emithini yesintu yase-China.

Emasontweni amabili okuqala kaZibandlela ngonyaka odlule, bangu-24 obhejane abazingelwe ngokungemthetho.

Ngonyaka ka-2020, bangu-392 obhejane abazingelwa ngokungemthetho eNingizimu Afrika, okuyisilinganiso sobhejane abangaphezu kowodwa nsuku zonke.

Scrolla World Cup Quiz