Buziwe Nocuze
UWonga Booi wayengeke athole umsebenzi edolobheni langakubo e-Cofimvaba e-Eastern Cape, ngakho-ke wathatha isinqumo sokuya eKapa eyofuna umsebenzi, kodwa uWonga akazange abuyele ekhaya ephila.
Umfowabo omdala uSibabale Booi uphakamise ukuthi aye naye eKapa ngethemba lokuthi uzoqashwa njengoba enzile.
Wathuthela edolobheni ngoNdasa, kodwa ngemuva kwezinyanga eziyisithupha ngeSonto ebusuku uWonga wagetshengwa wabulawa emijondolo yase-Marikana ngaphandle kwaseKapa.
USibabale uthe uyazisola ngokuletha uWonga eKapa.
“Akazange athole ngisho umsebenzi ezinyangeni ezinhlanu esedolobheni,” kusho umfowabo.
“Akuzange kungene emqondweni wami ukuthi uzobulawa.”
Uthe uWonga usanda kuthola isitifiketi sonogada kanti ubezohambisa i-CV yakhe enkampanini yonogada ngoMsombuluko.
Uthe ugcine ukukhuluma nomfowabo ngehora lesibili ntambama ngoMgqibelo.
“Ngimshiye ekhaya sengiya emsebenzini ngamfonela bengingazi ukuthi ngeke ngiphinde ngilizwe izwi lakhe.”
Uthe umakhelwane wakhe wamshayela ucingo wathi mayefika ekhaya wafica isidumbu sikamfowabo sinqunu silahlwe esigangeni. Wayeshaywe ngento ebukhali ngemuva kwekhanda lakhe.
Manje usebhekene nenselelo yokungcwaba umfowabo. Uthe usanda kuqala ukusebenza futhi akanayo imali yokumngcwaba.
UWarrant Officer Joseph Swartbooi, okhulumela amaphoyisa e-Western Cape ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala ngemuva kokutholwa kwesidumbu sikaWonga ngeSonto ekuseni.
“Imbangela yokuhlasela ayikaziwa futhi akukaboshwa muntu kuze kube manje.”