Isihluku kubulawa uSolwazi ezivocavoca

Moyahabo Mabeba

Sekuqubuke ingebhe kwizifundiswa  ngemuva kokubulawa ngesihluku kukaSolwazi uMohamed Saber Tayob e-Polokwane.

Lo thisha oneminyaka engu-51 ubudala waseNyuvesi yase-Limpopo udutshulwe washona ngesikhathi ezivocavoca emgwaqeni wase-Munik eduze kwase-Sterpark ngeSonto ekuseni.

Sekusabalale ividiyo ezinkundleni zokuxhumana eveza owesilisa obehlomile ophume ngomnyango ongemuva wemoto ewuhlobo le-VW Polo emhlophe wadubula uTayob amahlandla amaningi wawela phansi.

Abasolwa babaleke ngokushesha basuka endaweni yesigameko.

Imiyalezo yenduduzo ibilokhu ingena ingenile ezinkundleni zokuxhumana.

U-Ahmed Nazir Carrim, umngani kaSolwazi nekhansela lesigceme kuMasipala wase-Dipaleseng e-Mpumalanga ubhale ku-Twitter ukuthi ngesikhathi eqala ukuzwa ngokubulawa kwakhe ucabange ukuthi mhlawumbe izindaba ezingelona iqiniso.

Ekhuluma ngoTayob, uCarrim uthe: “Indlela abeziphethe ngayo phambi kwabantu nangendlela abenenhlonipho ngayo ibizikhulumela nje.

“Usishiye njengezahluleki kulo mhlaba, Ngiyazi uyamamatheka e-Jannat. Kukho konke owakwenzela umama wakho, izingane zakini kanye nezingane zabo ngu-Allah kuphela owazi umvuzo wakho weqiniso.”

Abaphathi bale Nyuvesi bathe abafundi balesi sikhungo banosizi njengoba bengakwazi ukwamukela ukudlula kukaSolwazi ohlonishwayo. 

UMphathi onguSolwazi u-Omphemetse Sibanda uthe izisebenzi kanye nabafundi bahlangane ndawonye ukuze badlulise amazwi enduduzo emndenini kanye nabangani bakhe, babafisela isibindi kulesi sikhathi esinzima.

“Usolwazi uTayob ubengumakadebona we-Chartered Accountant futhi engumfundisi okhonze kakhulu i-School Of Accountancy owakwenza kwaba inhloso yakhe ukuyisiza ukuthi ikhule ibe isizinda esenza kahle ezifundweni zayo zonke,” kusho uSibanda.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa e-Limpopo uMajor General Jan Scheepers uthe okwamanje akwaziwa imbangela yokubulawa kukaTayob kanti amaphoyisa asephume umkhankaso wokuthungatha abasolwa.

Izihloko zakamuva