Isihluku kubulawa umphathi wenxanxathela yezitolo 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ukubulawa komphathi wenxanxathela yezitolo e-Junxion Mall eKapa kushaqise izakhamuzi kanye nalabo abebemazi.

UNtsikelelo Konisani udutshulwe wabulawa e-Lower Crossroads ngabasolwa abangaziwa.

Le nxanxathela yezitolo yiyo kanye le okusanda kudutshulwa kuyo amaphoyisa amathathu alimala kanzima ngemuva kokutholana phezulu nabasolwa abasanda kugebenga isitolo.

Ilungu lomndeni uTheo Patron uchaze uKonisani njengomuntu obethanda wonke umuntu.

“Sizomkhumbula ngothando abenalo kuwo wonke umuntu nokuhleka kwakhe, ubengumuntu obehlezi ejabule futhi ubethanda nokubingelela noma ubani ahlangana naye,” kusho uPatron.

UKonisani uthathe isikhundla sokuba umphathi wenxanxathela yezitolo ngo-2019.

“Ubengumuntu osemncane ophumelele kwezamabhizinisi kanti okwenzekile kubuhlungu kakhulu futhi siyethemba ukuthi abathintekayo kulokhu bazoboshwa maduze,” kusho uPatron.

Udaba lokudutshulwa kwakhe ngilizwe ngezakhamuzi. 

“Ekuqaleni angizange ngikholwe ngesikhathi kufika lezi zindaba ezindlebeni zami bengicabanga ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela akuzange kufike emqondweni ukuthi ubulewe.”

Umndeni usele nemibuzo eminingi engaphenduleki. “Silimele futhi sithukile, kodwa sithandazela ukuthi owenze lokhu aboshwe,” kusho uPatron.

Isakhamuzi esingafunanga ukuthi sidalule igama laso sizwakalise ukukhathazeka ngokungenzi kahle kukahulumeni mayelana nezibhamu ezingekho emthethweni ezisaqhubeka nokuthatha imiphefumulo yabantu abangenacala.

“UNtsikelelo ubehloniphekile kanti ngimazi engumuntu ophansi futhi ubengaziqhenyi. Ngibona sengathi nomona unembangela kulesi sihluku sonke futhi siyalwazi udaba lwemali eKapa nakanjani uma kwenzeka lezi zinhlekelele kufika lokhu emqondweni,” kusho isakhamuzi.

Kodwa uphinde wathi cishe uKonisani ubezama ukunqanda ubugebengu obukhungethe le nxanxathela yezitolo.

“Kunobugebengu obudlangile enxanxatheleni yezitolo abeyiphethe, mhlampe ubezama ukuvikela inxanxathela yezitolo. Akuqondakali ukuthi angabulawa kanjani umuntu ohlezi ehleka, onenhliziyo enhle kanje kodwa siyathemba ukuthi ababulali bakhe bazobanjwa ngokushesha,” kwengeza isakhamuzi esinethemba lokuthi kuzokwenziwa ubulungiswa.

Okhulumela amaphoyisa e-Western Cape uWarrant Officer Joseph Swartbooi, ukuqinisekisile ukuthi baphenya ngecala lokubulala.

Amaphoyisa asesiteshini e-Philippi East aphuthume endaweni yesigameko abebizwe kuso bathola isidumbu sikaKonisani eKhozi Crescent, sinamanxeba okudutshulwa.

“Abezempilo badalule ukuthi isisulu sishonele endaweni yesigameko kanti abasolwa basazoboshwa,” kusho uSwartbooi.

Imbangela yokuhlaselwa kukaKonisani isaphenywa.

Esithombeni esingenhla: UNtsikelelo Konisani odutshulwe wabulawa e-Lower Crossroads ngabasolwa abangaziwa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva