
Celani Sikhakhane
Ingane eneminyaka emithathu ubudala kanye nowesifazane oyedwa osekhulile basinde esigamekweni sokudutshulwa ngesikhathi kugasela emzini wabo iqulu lamadoda ladubula labulala abantu abayisithupha.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi umndeni unomcimbi wokugeza ngoLwesibili ebusuku.
Lesi sigameko senzeke endaweni yase-Khuphe e-Nquthu enyakatho neKwaZulu-Natal. Umndeni wakwaButhelezi ubumusha endaweni njengoba usanda kusuka esigodini sase-Vumankala ngaseNkandla.
Umndeni ubuzitika ngotshwala nenyama nomakhelwane babo abasha nezinye izihlobo njengengxenye yomcimbi wokugeza ngesikhathi iqulu labesilisa abangaziwa abebehlomile lingena emzini wabo lavulela ngenhlamvu.
Kusolwa ukuthi ababulali bebethungatha indodana endala kaButhelezi.
“Babambe isalukazi ebesithwele ingane bacela indodana yaso kodwa sabatshela ukuthi indodana ayikho bavele bamdubula esifubeni kanti ingane ebesiyiphethe bayidubula ekhanda bashona bobabili.
“Bekunengane eneminyaka emithathu ubudala ebeyilele endlini iyona esindile,” kusho umthombo okhethe ukuthi igama lakhe singalidaluli ngenxa yokuphepha kwakhe, etshela i-Scrolla.Africa.
Abashonile kulesi sigameko ngu-Eunice Buthelezi obeneminyaka engu-63, umzukulu wakhe uManqoba Buthelezi obeneminyaka emine, uMboniseni Buthelezi, uNtombeziningi Gumbi obeneminyaka engu-59, uSiyabonga Khoza noSinenhlanhla Khoza bobabili bebeneminyaka engu-29.
Umzukulu walo mndeni oneminyaka engu-22 usindile ngemuva kokunyamalala ebumnyameni ngemuva kokuthi abesilisa abathathu bezame ukumdubula naye.
Inkosi uThathezakhe Ngobese we-Khiphinkunzi Traditional Authority utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lesi sibhicongo sibuhlungu kakhulu kulendawo. Bebeqala ngqa ukuzwa ukubulawa komndeni ngale ndlela.
“Sengithumele nabanye besigungu somdabu ukuthi baye kulo mndeni ukuze siqonde ukuthi kwenzekani ngempela,” kusho iNkosi uNgobese.
ULieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe abashonile bebebhekene nabesilisa abathathu abebehlome ngezibhamu ezincane nezinkulu.
“Abasolwa abathathu babaleke ngemoto abebeyibeke esangweni. Amaphoyisa aphenya amacala okubulala nelokuzama ukubulala,” kusho uLieutenant Colonel uGwala.