Lubhalwe ngu-Everson Luhanga noZukile Majova
Kushone amalungu ayishumi omndeni owodwa esigamekweni esenzeke elokishini laseMbali ngaphandle kwaseMgungundlovu.
Amaphoyisa athi bangu-19 sebebonke abashonile ezigamekweni ezahlukene KwaZulu-Natal ngoLwesine.
NgoLwesihlanu uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uhambele endaweni yesigameko engaphansi kwesiteshi samaphoyisa i-Plessislaer.
Lesi siteshi samaphoyisa sidume ngokuqopha izehlakalo eziphezulu zobugebengu njengoba kubulawa abantu abangaphezu kuka-20 kule ndawo nyanga zonke ngokwezibalo zobugebengu zakwa-SAPS.
Izigameko zodlame zokugqekezwa kwemizi nazo zandile kule ndawo njengoba kubikwe okungenani izigameko ezingu-120 kwikota lonyaka.
Umphakathi waselokishini laseMbali usufuna esinye isiteshi samaphoyisa ukuze ezokwazi ukuqapha njalo kuleli lokishi.
Umphakathi usathuthumela ngemuva kokuthi kuzwakale ukuqhuma kwesibhamu ngoLwesine ebusuku nangoLwesihlanu ekuseni. Bavuswe izindaba zokuthi abantu abangaziwa abebehlome bezingovolo behlasele umndeni owodwa kwashona abesifazane abayisishiyagalombili nezingane ezimbili.
Umndeni wakwaMemela wangcwaba ubaba wawo nyakenye.
Okhulumela amaphoyisa uJay Naicker uthe imbangela yalesi senzo sobulwane ayikaziwa.
UNgqongqoshe uBheki Cele uzojoyinwa abaphathi abaphezulu bombutho wamaphoyisa akuleli (SAPS) beholwa nguKhomishana kaZwelonke uJenene uFannie Masemola.
Ngokwemibiko yokuqala yamaphoyisa abantu ababili abangaziwa bagasele emzini waseMgungundlovu bacathamela umndeni kwalimala abesifazane abayisikhombisa nabesilisa abathathu ngesikhathi sokudubula.
Khonamanjalo, endaweni yaseThekwini amaphoyisa asabele kwezinye izigameko zodlame lwezibhamu okuhlanganisa nendawo yesigameko lapho okushone khona abantu abane KwaMashu esinye isigameko esihlobene nezimpi zamatekisi eziqhubekayo lapho okudutshulwe khona umfundi webanga lesithupha washonela emgwaqeni ngesikhathi ephuma esikoleni endaweni yaseNtshawini ngase-Stanger.
Usuku langoLwesine luqale ngokubulawa kukaSihlalo wenhlangano yamatekisi yase-Seaview ohlaselwe emgwaqeni onguthelawayeka u-M7 eThekwini.
Isthombe esingehla : Indawo yesigameko esenzeke elokishini eMbali KwaZulu-Natal lapho okudutshulwe kwabulawa khona abantu abayishumi
Umthombo wesithombe: ULirandzu Themba / SAPS