Doreen Mokgolo
Umndeni wakwaThombeni ugcwele umunyu ngemuva kokuthi indodana yawo (16) itholakale igenciwe ngoMsombuluko ekuseni Kwa-Thema, Ekurhuleni.
UMpendulo Thombeni utholwe edindilizile edamini legazi kanti isikhumba sakhe emilenzeni besivulwe kabuhlungu ngento ecijile.
Sekuphele izinyanga lezi zigelekeqe zihlukumeza umphakathi waseDuduza, Kwa-Thema nase-Tsakani njengoba zizama ukufaka abanye abafundi emaqenjini ezigebengu.
La malungu ezigelekeqe okuthiwa aphetha imimese, izimbazo nezinye izinto ezicijile ahlasela amalungu ayizimbangi aphinde abakhumule izingubo nezikhwama ezinophawu oluthile.
Ebangeni eliqhele ngekhilomitha nalapho okutholwe khona uMpendulo, omunye umfana (16) utholwe edakwe izidakamizwa futhi edidekile.
Uveze ukuthi uthunjwe iqembu lezigelekeqe elimsole ngokuba ilungu lelinye iqembu lezigelekeqe.
“Baye bangishaya baphinde bangijova ngezidakamizwa. Bangitshele ukuthi ngizofunda ukuthi ngingabasukeli,” esho.
Ugogo kaMpendulo, uLizzy Thombeni uthe akasoze asikhohlwa isimo athole umzukulu wakhe ekuso.
“Ubebonakala sengathi uhlaselwe isilwane sasendle esinonya. Angikwazi ngisho ukucabanga ubuhlungu abuzwile ngaphambi kokuthi ashone,” esho.
UThombeni wengeze ngokuthi umzukulu wakhe uhambe ekhaya eya emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lomngane wakhe ngeSonto.
“Ngezithuba zehora lesishiyagalolunye ebusuku ngimtshele ukuthi aye ekhaya lapho ehlala khona noyise kodwa uye wanyonyoba waphindela emcimbini. Kushuthi ubebizwa ukufa,” esho.
“Besikhathazekile ngesikhathi engabuyi ekhaya futhi singamtholi.”
Okhulumela amaphoyisa aKwa-Thema uConstable Nkululeko Magudulela ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.
“Akukaboshwa muntu. Sicela noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi abasolwa bakuphi ukuthi aphumele obala,” esho.
Abasesithombeni esingenhla: UMpendulo Thombeni, uLizzy Thombeni kanye noDudu Mbatha
Umthombo wesithombe: sithunyelwe