Isihluku kubulawa owesifazane obelwela umzala wakhe 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UMatebogo Magooa udutshulwe wabulawa emizuzwini embalwa ngemuva kokuvikela umzala wakhe esokeni lakhe ebelithukuthele entathakusa ngeSonto.

UMagooa kanye nabazala bakhe ababili bakwa-Thema e-Ekurhuleni bebelinde izimoto zokuhamba endaweni lapho okupakwa khona izimoto ngesikhathi benquma ukucela omunye wabathengi ukuthi abagibelise emotweni yakhe.

Ngesikhathi sebezophuma ngemoto yomthengi umsolwa obethukuthele egane unwabu usondele emotweni efuna ukukhuluma nentombi yakhe.

Ngemuva kwalokho kusuke ingxabano ngesikhathi intombi inqaba ukukhuluma noma ukuphuma emotweni ihambe nomsolwa. UMagooa ube esengenelela njengomzala omdala ukuze adambise isimo.

Lokhu kubonakale kumcasule kakhulu umsolwa ovele wabuyela emotweni yakhe.

Kuthiwa ngesikhathi isizophuma imoto umsolwa uvele wavulela ngenhlamvu ebhekise emotweni wadubula uMagooa esiphongweni kanti nomshayeli uthole ukudubuleka engalweni nesingezansi.

Ngemuva kokudubula ubathuke ngezinhlamba wabe esengena emotweni yakhe washaya wachitha ngesivinini esiphezulu washiya izisulu zilwela impilo yazo endaweni yesigameko.

Izisulu ezimbili ziphuthunyiswe esibhedlela i-Far East e-Springs okuyilapho uMagooa ahlonzwe khona ukuthi ushonile.

Uyise kaMagooa, uLawrence Gaushe uthe njengoba umsolwa esezinikele emaphoyiseni ucela ukuba kwenzeke ubulungiswa ngendodakazi yakhe.

“Umbulali kumele akhokhe ngalokho akwenze endodakazini yami. Ukube kuya ngami bengizofuna bamunike isigwebo sentambo, kodwa iyodwa indlela esizotholela ngayo indodakazi yami ubulungiswa ukuya eNkantolo.

“Nginxusa iNkantolo ukuthi yenze isiqiniseko sokuthi umsolwa akaphinde akubone ukukhanya njengengxenye yokwahlulela kwakhe.”

Wengeze ngokuthi akukhathalekile ukuthi bebelwa kubangwani, kodwa ukubulala umuntu ngaleya ndlela kuwubulwane.

Okhulumela amaphoyisa akwa-Thema uSayitsheni Nkululeko Magudulela ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uzinikele emaphoyiseni ngeSonto ntambama.

“Uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Springs maduze ebhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala kanti uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.”

Osesithombeni esingenhla nguMatebogo Magooa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva