Isihluku kubulawa obesiza obedlwengulwa

Everson Luhanga

Owesilisa kanye nabangani bakhe bashintshana ngokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-25 bemkhombe ngesibhamu e-Kagiso ngoMgqibelo.

Cishe isikhathi esingangehora lona wesifazane ebekezelele usizi olubuhlungu abesilisa abakade bephethe imimmese nesibhamu bemnukubeza.

Nokho isisulu siqunge isibindi samemeza sicela usizo lapho sibone owesilisa obezidlulela  buqamama.

Noma ngabe ubehamba yedwa lo wesilisa ubeneminyaka engu-38 ubudala usize lona wesifazane kanti bekwisenzo sakhe sokugcina sobuqhawe.

Abadlwenguli abangenalo uzwelo bamthelekele bamgwaza ngesikhathi bemkhanda ngamatshe.

Akakwazanga ukuzilwela  washonela endaweni yesigameko kodwa wenze okwanele ukusindisa lo wesifazane othole ithuba lokubaleka ngesikhathi lo wesilisa ehlaselwa.

Okhulumela amaphoyisa ase-Kagiso uKaputeni uSoloman Sibiya uthe amaphoyisa athole isikhalo sokudlwengulwa ngasehostela lase-Madala afike afica lo wesifazane. 

Wabatshela ngosizi lwakhe olubi nesiphetho sowesilisa omsindisile.

Amaphoyisa akwazile ukubopha omunye wabasolwa umfana oneminyaka engu-18 ubudala osebhekene necala lokudlwengula nokubulala.

Amaphoyisa athe athungatha abasolwa ababili abasele.

“Isisulu kusolwa ukuthi sibanjwe abasolwa abathathu abangaziwa befuna imali kanye nomakhalekhukhwini wakhe bemkhombe ngesibhamu. Ngemuva kwalokho bamhudulela endaweni evulekile eduze kwasehostela base beshintshana ngokumdlwengula,” kusho uKaputeni uSibiya.

“Uqhube wathi ngesikhathi edlwengulwa ubone owesilisa angamazi edlula. Ube esekhala ecela usizo kuthe umlisa ezama ukumsiza, abasolwa bamhlasela.”

USibiya uqhube wathi “Kutholakale isidumbu sowesilisa sopha igazi sidindilizile sinamanxeba okugwazwa kanye netshe elikhulu eduze kwaso.

Amaphoyisa ase-Kagiso acela umphakathi ukuthi usize amaphoyisa alandele umkhondo wabasolwa futhi onolwazi ashayele lenombolo-08600 10111 noma isiteshi samaphoyisa e-SAPS e-Kagiso ku-011 696 9059/65/67.

Scrolla World Cup Quiz