Isihluku kubulawa izaguga ngokuhlahlelwa ngembazo

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Umphakathi wasemakhaya uhlalele ovalweni ngemuva kokubulawa ngesihluku kukaMlungisi Nkqayi (83) nomkakhe uNokuphela (73).

Batholakale ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi indodana yabo izithela phezu kwezidumbu zabo ezinegazi egumbini lokuphumula emzini wabo ose-Cata ngaphandle kwase-Keiskammahoek maphakathi ne-Eastern Cape.

Bekubukeka sengathi bagencwe ngembazo.

Okhulumela umndeni uNkwenkwezi Ntusi uthe basakhungathekile ngokubulawa kwalezi zaguga ngesihluku.

“Izidumbu zabo bezidindilize egumbini lokuphumula ngaphandle nje kwegumbi labo lokulala ngesikhathi indodana yabo izobabheka ngoMgqibelo ekuseni,” kusho uNtusi.

“Bekugcwele igazi yonke indawo nokuyinto ebonise ukuthi babezama ukulwa nesigebengu.”

Umzukulu (28) walezi zaguga ulivumile leli cala lokubulala ngesihluku.

Umsolwa ukhuliswe ugogo nomkhulu ngemuva kokudlula emhlabeni kukanina.

Ngemuva kokuvuma kwakhe icala amalungu omphakathi aye ambopha ngesikhathi elinde amaphoyisa.

Ikhansela lewadi uZukisa Qonto uncome umphakathi wase-Cata.

“Izikhathi eziningi emiphakathini nasemindenini yethu abenzi bobubi ababoshwa egameni lokuthi ‘bayimindeni’. Ngiyaziqhenya ngomphakathi ngokuqinisekisa ukuthi umsolwa uyaboshwa.”

Ilungu lomphakathi uSizwe Ndlazulwana uthe basola ukuthi umzukulu ubedle izidakamizwa ngesikhathi enza lesi senzo esinyantisa igazi.

“Kugcwele ukudayiswa kwezidakamizwa esigodini sangakithi. Ziningi kabi izigebengu lapha,” kusho uNdlazulwana.

Isishoshovu samalungelo ezingane uPetros Majola we-Khula Development Trust uthe emasontweni amabili edlule kube nezigameko zokubulawa kogogo nomkhulu.

Ukhulume ngesinye isigameko sokubulala esenzeke e-Maletswai, e-Aliwal North lapho ugogo abulawe khona umzukulu wakhe.

NgoNhlangulana uthisha osewathatha umhlalaphansi uMamokete Moea (70) kusolwa ukuthi ubulawe umzukulu wakhe uRethabile (30) osevele enkantolo yemantshi yendawo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu usiqinisekisile lesi sigameko.

“Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko aqala uphenyo lokuqala ngokushesha. Amaphoyisa athole ukuthi izaguga zigencwe ngembazo. Umsolwa uboshwe ngamalungu omphakathi kanti isikhali esiyingozi okuthiwa usisebenzisile sishaqwe amaphoyisa.”

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yase-Keiskammahoek ngoMsombuluko.

Esithombeni esigenhla: Izithandani esezikhulile ezibulewe, kwesobunxele: uMzukisi Nkqayi (83) kwesokudla: uNokuphela Nkqayi (73)

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva