Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amaphoyisa ase-Limpopo aphume umkhankaso wokuthungatha umbulali ka-Adivhawo Molamabu, (12), obulawe ngesihluku ngesikhathi edayisa imifino esigodini sase-Ha-Ravele e-Limpopo ngeSonto.
Isidumbu sakhe esinqunu sitholwe ehlathini eliseduze kwepulazi esigodini, sinezimpawu ezikhombisa ukuthi kungenzeka ukuthi uklinyiwe.
Unina wentombazane, ongathandanga kudalulwe igama lakhe, uthe umndeni ukhathazekile ngeSonto kusihlwa ngesikhathi kuhwalala indodakazi yakhe ingabuyi ekhaya.
“Sihlangene nomndeni nomakhelwane, simthungathe isigodi sonke silandela imikhondo ehlukene kodwa sangamthola sanquma ukubika ukuthi ulahlekile.
Umama uthe u-Adivhawo nezingane zakubo babedayisa imifino esigodini sonke ngezimpelasonto ukuze benze imali.
“Ngiphatheke kabuhlungu – ukubona umzimba wakhe obungasaphili kuleso simo futhi kuzongihlupha impilo yami yonke.
“Ngiyazi ukuthi simpofu, kodwa ingane yami ibingakufanele ukufa kabuhlungu kanje,” kusho yena.
“Engikufunayo wukuthi umenzi wobubi aboshwe. Ngicela noma ngubani ombonile ukuthi abikele amaphoyisa ngalokhu.”
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Limpopo, uColonel Malesela Ledwaba, uthe isidumbu sika-Adivhawo esinqunu sitholakale sinezimpawu eziveza ukuthi kungenzeka ukuthi uklinyiwe.
“(Ngokwemibiko) yokuqala le ntombazanyana igcine ukubonakala inowesilisa wase-Afrika beya ngasesigodini,” esho.
ULedwaba uthe uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka, kuvulwe icala lokubulala kanye nelokudlwengula elilindele imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni komsolwa ukuba abikele uSayitsheni Romeo Mbelengwa, umphenyi wecala, ku-072 981 7722 noma ashayele inombolo yamahhala ye-Crime Stop, 0860 10111.
Esithombeni ngenhla: Isidumbu sika-Adivhawo Molamabu sisuswa endaweni yesigameko.
Umthombo: Uthunyelwe