Isihluku izigebengu zintshontshela izithandani ezingezwa emadlebeni

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izigebengu zaselokishini lakwaLanga, eKapa, ​​zigqekeze umuzi wezithandani ezingezwa emadlebeni zantshontsha izimpahla ngesikhathi zilele endlini.

USiyabonga Memela (34), ulandisa ngesigameko ababhekane naso kwi-Scrolla.Africa, ezwakalisa ukushaqeka nokuphatheka kabi kwakhe.

“Bekuyihora lesithathu ekuseni kakhulu ngesikhathi umkami engibuza ukuthi ngilale ngingawacimanga yini amalambu endlini. Ngiphendule ngokuthi angizange ngamazisa nokuthi mhlawumbe izingane zisabukela umabonakude ezansi.”

Kodwa lezi zithandani bezingazi ukuthi zizobhekana nesimo esishaqisayo.

Ongunkosikazi kaMemela ngesineke ulinde izingane ukuthi zikhuphuke ecabanga ukuthi zisebenzise indlu yokugeza zashiya zingawucimile ugesi.

“Ube esekhetha ukuya ezansi eyobheka indawo abagezela kuyo wafike wavala isicabha, kodwa okushaqisayo ubone umata umanzi futhi ugcwele inhlabathi. Yilapho abona khona ukuthi kukhona okushaya amanzi kugqekeziwe endlini,” kuchaza uMemela.

Lezi zigebengu ezinesibindi zingene endlini zakhanyisa ngaphambi kokuntshontsha impahla.

Baphume ne-TV stand, i-DStv, umabonakude, isipikha, nekhompuyutha.

Ngaphandle kwezinto zabo ezisebenza ngogesi, izigebengu ziphinde zantshontsha ukudla kwabo zashiya ifriji labo likhala ibhungezi.

“Asinakho ukudla bathathe yonke into okubuhlungu bathathe nesikhwama sengane ebesinekhadi lasemtholampilo, amakhadi asebhange nomazisi kankosikazi wami,” kusho uMemela.

“Kubukeka sengathi izigebengu bezazi ukuthi zize kubantu abangezwa emadlebeni.

“Mhlawumbe basebenzise okuthize ukusilalisa. Ngeshwa ezinye izindlu ezimbili endaweni yethu nazo zigqekeziwe. Kukhombisa ukuthi asiphephile uma izigilamkhuba zihlasela imizi yethu sikhona.”

Kodwa akupheleli lapho izigebengu zibuyile ngosuku olulandelayo , ngenhloso yokweba okwengeziwe.

Nokho, uMemela ubesethathe isinyathelo sokushintsha okhiye. 

Okhulumela amaphoyisa e-Western Cape, uWarrant Officer Joseph Swartbooi ukuqinisekisile ukuthi lesi sigameko siyaphenywa.

“Imibiko iveza ukuthi ummangali uhambile waya kolala ebusuku phakathi nabo wabona ukuthi kugqekeziwe endaweni yabo, wathi uma ehlola wathola ukuthi izimpahla zabo azikho,” kusho uSwartbooi.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa akwaLanga eKapa aphenya icala lokugqekeza nokuntshontsha kulandela ukugqekezwa komuzi wezithandani ezingezwa emadlebeni.

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva