Everson Luhanga
Ukuqhuma kuvuse bonke abantu egcekeni abaphuthume bayobheka ukuthi kwenzakalani.
Umlilo ubuvutha ngaphakathi egumbini likaJoyce Mahlalela.
Ngosizo lwabasebenzi abetha uphethiloli ngaphesheya komgwaqo umndeni kaJoyce kuhlanganise nendodana yakhe (17), bakwazile ukugqekeza umnyango.
UJoyce ubevutha futhi ekhala ecela usizo. Indodana yakhe (8) nayo ibivutha isembhedeni wayo ngesikhathi obethandana naye uCollen Nkuna ehleli kusofa naye evutha amalangabi.
Nakuba umndeni uhlenge uJoyce nendodana yakhe encane ngokubakhiphela ngaphandle wacisha umlilo emizimbeni yabo kodwa akazange asinde.
Indodana yakhe encane, eshile ngaphezu kuka-80% womzimba wayo ilwela impilo yayo e-ICU.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa besekhaya labo e-Tembisa udadewabo kaJoyce uThando Mnisi uthe umndeni ubunethemba lokuthi uJoyce obengumhlengikazi e-Hillbrow Clinic uzosinda ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela.
“UNkuna ushone ngoLwesibili kanti uJoyce ushone ngoLwesine,” esho.
“Obeyisoka likaJoyce ufike nebhodlela likaphethiloli wambhunyela uJoyce, nendodana yakhe wazibhunyela naye ngaphambi kokushisa wonke umuntu,” esho.
Ngaphambi kokuthi aye endlini kaJoyce ucele ukuthi ingane yabo yokugcina ehlala eMpumalanga nogogo ize e-Tembisa. Kodwa umndeni wenqaba.
“Ubehlele ukubulala wonke umuntu,” kusho uMnisi.
Uthe uJoyce ubesebekezelele ubudlelwano obumuncu iminyaka eyishumi nesoka lakhe ngaphambi kokuthi ahlukane nalo nyakenye. “Ufike wazohlala nathi ekhaya nezingane zakhe. Ubenezingane ezimbili noNkuna.”
Kodwa uthe uNkuna akavumanga ukwaliwa uye waqhubeka nokuhlukumeza uJoyce.
Okhulumela amaphoyisa ase-Tembisa Rabasotho uConstable Patricia Mgijima uthe kuvulwe idokodo ukuze kuphenywe.
“Silahlekelwe umuntu obenothando emndenini,” kusho uNtebo Lesele omunye wodadewabo bakaJoyce.