Isihluku indodana ibulala unina

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Isihluku umama wase-East London elahlekelwa impilo yakhe ezandleni zendodana yakhe ngemuva nje kosuku lomama.

Ngesikhathi unina wezingane ezimbili enyamalala kungazelelwe ngoMsombuluko, umyeni wakhe ubekhathazekile waya kumalungu e-forum eyofuna usizo.

Amalungu eforum athe banolwazi lokuthi indodana kamama endala iyona egcine ukubonakala naye. Umphakathi uqhubeke nokuphenya indodana eneminyaka engu-19 ubudala.

Kuthiwa indodana itshele umphakathi ukuthi igcine ukubona unina,  esendlini enza uphuthu yona isemnyango igeza inja yakhe.

Umphakathi waba nokusola ngesikhathi ubona ukuthi ijakhethi yakhe inodaka emhlane okubonakala sengathi kusalele isandla somuntu. Ngesikhathi ibuzwa itshele amalungu omphakathi ukuthi uzithinte emhlane.

Ilungu lomphakathi uNksz Nomfuneko Ntshinga obekhona ngesikhathi kubuzwa umfana, uthe babone ukuklwebheka emqaleni nokwenza basole kakhulu.

“Sithe sisambuza elinye ilungu lomphakathi labona igazi odongeni. Ngabona ne-mop ebifihlwe ekamelweni inuka igazi,” kusho uNtshinga.

“Ngesikhathi ngiqhubeka nophenyo ngibone amachaphazelo egazi engeziwe esicabheni, ubufakazi bokuthi umama ubelwela ukuphila kwakhe.”

UNtshinga uthe ngesikhathi bephelezela umyeni walomama esibhedlela iCecilia Makiwane beyofuna unkosikazi wakhe, umsolwa kusolakala ukuthi wazama ukuboleka ifosholo komunye womakhelwane. “Ebuzwa ukuthi kungani edinga ifosholo, watshela umakhelwane ukuthi kumele ahlanze igceke.

Ekugcineni kwividiyo ebonwe i-Scrolla.Africa, umsolwa oneminyaka engu-19 ubudala uzwakala echazela umphakathi ukuthi umbulale kanjani unina.

“Ngidlule esula phansi, ngashibilika ngawa wangithuka. Ngaxolisa, kodwa waqhubeka engithuka. Ngaphumela ngaphandle ngabuya netshe wangishaya nge-mop nami ngamshaya ngetshe ebusweni waquleka,” echaza.

Kule vidiyo, umsolwa osemncane ube esetshela umphakathi ukuthi ukholwa ukuthi umama wakhe ubequlekile ngesikhathi emdonsa egcekeni emsonge ngezingubo zokulala ebezilengiswe ocingweni kulayini emnyango.

Amalungu e-forum atshele i-Scrolla.Africa ukuthi umsolwa osemncane unikelwe ezamaphoyisa.

Ngesikhathi sokushicilela bekungakaqinisekiswa ukuthi umsolwa uzobekwa icala lokubulala yini.

Isithombe esingenhla: Ikhaya lapho okwenzeke khona lesi sigameko sokubulawa kukamama

Umthombo Wesithombe: I-Facebook

Izihloko zakamuva