Isihluku etitinywa onogada ezofuna usizo esibhedlela

Doreen Mokgolo

Ngesikhathi uMpho Ngwane ephuthunyiswa esibhedlela i-Far East Rand ngoMgqibelo ebusuku into abeyifuna ukudambisa ubuhlungu obungabekezeleleki obabubangelwa isilonda.

Kodwa lona oneminyaka engu-30 ubudala wase-Payneville e-Springs e-Kurhuleni uthole okungaphezu kwalokho abekuhlosile.

Kuthiwa ushaywe ephindelela ngonogada ababili esibhedlela ngoba elele phansi.

UNgwane utshele i-Scrolla. Africa ukuthi ubelinde umama wakhe ehunjini lezimo eziphuthumayo eyomvulela ifayela.

“Nginqume ukucambalala phansi ngoba ubuhlungu bebungabekezeleleki ngihlezi phezu kwesihlalo esinamasondo.

Onogada bangitshele ukuthi ngeke ngilale phansi sengathi ngisendlini yami.” Uthe bamfukula ngenkani ukuthi abuyele esihlalweni esinamasondo.

Engasizwanga isizathu esenze ukuthi alale phansi uthe bamthwale ngenkani bambuyisela esihlalweni esinamasondo kwamlimaza lokho. 

“Ngaphambi kokuthi bangisukumise bangishaya ngezimpama nangezibhakela. 

Babe sebengiqhuba bangifaka kwelinye lamahhovisi angenalutho lapho bangishaya kwaze kwaba ilapho umama engisiza khona.” uthe wayebuthakathaka futhi wayengakwazi ukuzivikela.

UNgwane ulimele ebusweni nasesiswini futhi uphuke izimbambo. Akakwazi nokukhuluma noma ukuzwa.

Unina uGloria Ngwane uthe wezwa indodana yakhe ikhala icela usizo ngesikhathi ephuma ehhovisi labaphathi.

“Omunye wabahlengikazi ubetshela ukuthi ubone onogada bebeshaya owesilisa kanti akubukeki kahle.

“Ngaphuthuma lapho ebengisuka khona ngathola onogada ababili beshaya indodana yami ngezibhakela,” kusho unina.

Kuthe uma efuna ukwazi ukuthi benzani, bamtshela ukuthi “uNgwane uyabadelela.”

“Bengingaqondi ukuthi ubadelele kanjani,” kusho inina “ngoba ngamshiya ebuthaka kakhulu ukuba angaba namandla okuqala impi.”

Okhulumela isibhedlela uPhumza Ntuthukathe uthe ihhovisi lesibhedlela eliqinisekisa izinga lokuphathwa kwesibhedlela kanye nenkampani yonogada baphenya lezi zinsolo.

“Uma kutholakala ukuthi lokhu kuyiqiniso lolu daba luzophathwa ngendlela efanele futhi okwamanje abathinyekayo bamisiwe njengoba kusalindwe imiphumela yophenyo,” kusho uNtuthukathe. 

Scrolla World Cup Quiz