Isihluku eshaywa ngenxa yokuthi uthandana nobulili obufanayo

Doreen Mokgolo

USihle Yapi uthi uthunjwe umshayeli we-Uber ofune imali engu-R5 000 ngoLwesithathu ebusuku ngoba ethi uthandana nabobulili obufanayo.

Isisulu esineminyaka engu-24 ubudala sisuke eGoli siphuma e-Randburg silibangise erenki yamatekisi e-Bree Street. 

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umshayeli waqala ukumbuza ngobulili bakhe phakathi nohambo.

“Kungithusile lokhu kodwa nginqume ukuthi ngizibambele mathupha njengoba ngike ngizwe izindaba zokuhlaselwa kwabantu behlaselwa ibona abashayela bama-Uber.

“Ngesikhathi sisendleleni imoto yama eceleni komgwaqo kwathushuka abesilisa abane bekhuluma olunye ulimi,” kuchaza uSihle.

Ushayeli kithiwa utshele laba besilisa  ukuthi uYapi uthandana nobulili obubodwa bavele bafa uhleko.

Omunye wabasolwa utshele uYapi ukuthi ababathandi abesilisa abathandana nobulili obubodwa. Ukube bekusemandleni abo bebezobabulala bonke.”

Uthe laba besilisa babe sebeqala ukumshaya bambopha izandla nemilenze ngezintambo zezicathulo ngaphambi kokumyisa endaweni engaziwa.

“Bafike bama emijondolo bangiphoqa ukuthi ngingene emjondolo nokuyilapho bafike bangisesha khona befuna ukungena kwi-app yami yasebhange ngomakhalekhukhwini wami.

“Omunye wabasolwa ungitshele ukuthi bazongikhulula kuphela uma ngibakhokhela u-R5 000.

UYapi wabatshela ukuthi akanayo leyo mali ngemuva kwalokho abasolwa bafuna ukuthi afonele umndeni wakhe. Babiza udadewabo uLungelwa Yapi.

ULungelwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uthole ucingo oluvela kubathumbi befuna imali.

“Ngabatshela ukuthi ngino-R2 000 kuphela base begcizelela ukuthi angenze icebo kungenjalo bazombulala umfowethu.

“Kidingeke ngiboleke imali kubangani nomndeni ngase ngidlulisela imali ebhange likaSihle,” kusho udadewabo.

USihle Yapi uthe omunye wabasolwa uhambile eyokhipha  imali wathi esebuya bamnikeza u-R50 ukuze abambe itekisi eligodukayo.

Okhulumela i-Uber uMpho Sebelebele uthe lesi sigameko siyabakhathaza futhi abalubekezeleli nhlobo udlame.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uColonel Athlenda Mathe uthe bayasikhuthaza isisulu ukuthi sivule icala esiteshini samaphoyisa esiseduze.

Scrolla World Cup Quiz