Kamogelo Olaitan
Kusolakala ukuthi abesifazane abahlanu badlwengulwe yiqembu lezigelekeqe kanti ozakwabo besilisa bashaywe kanzima ngesikhathi kugetshengwa amakhaza ehlukene ezintatha ngeSonto.
Amadoda ayisithupha abehlomile kuthiwa agasele ezindaweni zamakhaza eziku-R37 Road e-Malipsdrift ngaphandle kwase-Lebowakgomo e-Limpopo.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe abangani ababili besifazane bebesendleleni beyovakashela isoka elisebenza endaweni yamakhaza e-Wisani ngesikhathi behlaselwa amadoda ayisithupha abathathe abayisa endaweni yokuqala yamakhaza lapho adubule khona kwalimala umsebenzi oyedwa wesilisa.
“Babe sebedlulela endaweni yamakhaza alandelayo nokuyilapho abafice abasebenzi abathathu besifazane nabesilisa abayisithupha ababashaye kanzima,” kusho uMojapelo.
“Abasolwa basebenzise izidunu zezibhamu zabo ukushaya la madoda aze aquleka.”
Uthe ngesikhathi abasebenzi besilisa sebequlekile, laba besifazane abahlanu badlwengulwe yiqembu lezigelekeqe.
Baphinde baphucwa omakhalekhukhwini nezimpahla zabo ngaphambi kokuthi abasolwa bathathe imali esisefweni bebaleke endaweni yesigameko.
Izisulu zitholwe ngomunye umsebenzi obezongena emsebenzini ovele washayela amaphoyisa ucingo.
Zonke izisulu ziphuthunyiswe esibhedlela.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Thembi Hadebe usesungule ithimba labaphenyi ukuthi lizingele abasolwa.
“Ithimba lizosebenza ubusuku nemini lizingela lezi zigebengu ezingenanhliziyo,” kusho uHadebe.
“Nginxusa amalungu omphakathi ukuthi avele obala nganoma yiluphi ulwazi olungase lusize amaphoyisa ukubamba abasolwa ngokushesha.”
Kuvulwe amacala amahlanu okudlwengula, amathathu okuthumba, okuzama ukubulala nelokubamba inkunzi.
Ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa sicela athinte uLieutenant Colonel Lehlagane Mamadisa ku-079 894 5482, inombolo ye-Crime Stop ku-0860010111, aye
esiteshini samaphoyisa esiseduze noma athumele umbiko nge-MySAPS App.