Isihlobo sikaZuma sikhala ngobuxoki kwi-MK

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Obeyiphini leMeya yaseMsunduzi noyisihlobo sowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ukhala ngabangcolisa igama lakhe abathi uzama ukudayisa ngoMkhonto weSizwe kuKhongolose. 

UMnuz Thobani Zuma ukusho lokhu esitatimendeni asikhiphile nalapho ebebalisa khona ngokuthi kukhona abantu be-MK abahambe bexova igama lakhe bethi ungumdayisi.

UZuma ubenguMgqugquzeli we-MK wesikhashana kodwa wabuye wasuswa.

Kuthe ngesikhathi kuyogcotshwa amalungu eSishayamthetho saKwaZulu-Natal, kwasabalala imiyalezo ekhomba ukuthi yayibhalwe nguye exoxa nabaholi bakaKhongolose ukuthi benoDkt Kwazi Mbanjwa abadayise ngamavoti abo beseke i-ANC uma sekuvotelwa uNdunankulu wesifundazwe.

“Le nto ingiphula umoya yokuthi kuxovwe igama lami, kukhulunywe amanga ngami. Nalaba bantu okuthiwa ngikhuluma nabo ngicabanga ukuthi ngagcina ukufonelana nabo nyakenye. 

“Kodwa-ke, ngizoqhubeka ngisebenzele i-MK ngokwethembeka. Angeke ngibanake abantu abazama ukubhidliza iqembu ngamanga,” kusho uZuma.

Lo mholi udabuka esizweni sakwaZuma esihlonishwayo eMpendle ngaphansi kweNkosi uSimphiwe Zuma.

UZuma waxoshwa uKhongolose esikhundleni sokuba iphini lemeya ngemuva kwezinsolo zenkohlakalo.

Amalungu kaKhongolose agcina esehola imashi embhikishela efuna ukuthi aphume esikhundleni.

Kuthe ekuqaleni kwalo nyaka wamenyezelwa njengelungu elisha loMkhonto weSizwe eMgungundlovu.

Leli qembu libhekene nezinkinga zabaholi abasolwa ngokuthi bayizimpimpi abagcina sebexoshwa.

Omunye wabo kube uMnuz Nhlanhla Ngidi obenguMqondisi wesifundazwe kuhulumeni okhonjwe indlela ngoNdasa ngoba esolwa ngokuthi usebenza noKhongolose.

Izihloko zakamuva