Isihlehlile imidlalo yokuhlungela i-Afcon

Menzi Magubane

Ukuhlehliswa kwemidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 kuzokwamukelwa yiwo wonke amaqembu esizwe abambe iqhaza kwi-Fifa World Cup yalo nyaka.

Imidlalo yokuhlunga bekumele iqhubeke ngoMandulo, kodwa i-Confederation of African Football (CAF) isiyidlulisele kuNdasa wonyaka ozayo.

I-CAF yathatha leso sinqumo ukunikeza amaqembu ase-Afrika azobamba iqhaza kwi-2022 Fifa World Cup isikhathi esengeziwe ukulungiselela lo mdlalo. INdebe yoMhlaba ihlelelwe uLwezi kanye noZibandlela e-Qatar.

“Ikomidi eliphezulu le-CAF ligunyaze ukuhlungela okubuyekeziwe kwe-Total Energies Africa Cup of Nations 2023 e-Côte d’Ivoire,” kusho isitatimende se-CAF.

“Lokhu kube ukuzibophezela kwekomidi eliphezulu lokuvulela amazwe ase-Afrika azongena ekuhlungeleni iNdebe Yomhlaba wonke ye-FIFA ka-2022 e-Qatar ukuthi azilungiselele ngokwanele.”

I-Ghana, i-Senegal, i-Morocco, i-Tunisia, i-Cameroon ne-Ivory Coast ngamaqembu esizwe azohlomula kulokhu kuhlehliswa. Angamazwe amahlanu azobe emele i-Afrika eNdebeni yoMhlaba.

Ukuhlehliswa kuzoba iznuzo nakuBafana Bafana nakuba ingeke ibe ingxenye yomqhudelwano wase-Qatar.

IBafana izodlala ne-Liberia ngoMandulo.

Njengoba kuzoqala isizini entsha ye-DStv Premiership ngoLwesihlanu umqeqeshi weBafana uHugo Broos usezothola ithuba lokubhekisisa kahle abadlali azobe ebasebenzisa ngoNdasa.

IBafana ne-Liberia bahlulwe imidlalo yabo yokuvula yokuhlungela i-Morocco.

IBafana ingase izibekisele indawo ku-Afcon ngonyaka ozayo uma ikwazile ukushaya i-Liberia kuleyo midlalo emibili bese ithola iphuzu uma ibhekene ne-Morocco okuzoyiqinisekisa indawo e-Ivory Coast.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva