Isihlava samacala okuhlukumeza ngokocansi ebholeni lase-Afrika  

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ikomiti lokuziphatha le-Fifa limise umqeqeshi wase-Congo kanti uMengameli we-Cameroon Sports Federation naye ubhekene nophenyo mayelana nento esiphenduke isihlava kwezemidlalo e-Afrika ezinyangeni ezimbalwa.

UJonathan Bukabakwa ongumqeqeshi webhola obesebenza emaqenjini ase-Lipopo nase-Malebo e-Democratic Republic of Congo umiswe okwesikhashana kuzo zonke izinto ezithinta ibhola ezinyangeni ezinhlanu ezizayo.

Lezi zindaba ziza ngemuva kokuthi ikomiti lokuziphatha le-Fifa livule ukuqulwa kwamacala ngomhlaka-22 kuNdasa. UBukabakwa ungomunye wabaqeqeshi abambalwa okumele baphenywe ngenxa yezinsolo zokunukubeza izingane ngokocansi.

Leli cala alilodwa njengoba kunezigameko eziningi ezifana nalezi ezenzeka ebholeni.

UMengameli we-Gabon Football Federation, uPierre-Alain Mounguengui uchithe izinyanga eziyisithupha esitokisini futhi uye wathweswa icala lokwehluleka “ukubika amacala okuhlukunyezwa kwezingane”.

Ngaphandle kwasebholeni amacala ayaqhubeka nokukhula njengoba uMengameli weKomiti labakhubazekile e-Cameroon uHerve Guy Ngoyo Ngong naye ephenywa ngecala lokudlwengula.

UNgong uzomiswa emsebenzini kuze kuphothulwe uphenyo, ngokusho kwe-BBC Sport Africa.

Esithombeni esingenhla: Ilogo ye-Fifa 

Umthombo wesithombe: @fifacom

Izihloko zakamuva