Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
IKapa ibilokhu inyakaziswa imibiko yokuthi izingane zesikole ziyalwa zibanga amantombazane zisebenzisa izikhali eziyingozi.
Impi enodlame eqhubekayo esikoleni samabanga aphezulu i-Ikamvalethu kanye nasesikoleni samabanga aphezulu Isilimela elokishini lakwaLanga isaqhubeka nokuthinta abafundi abavela emiphakathini yase-Newflats nase-Zone 20.
Omunye wabafana uthe impi iqale ngemuva kokuthola ukuthi elinye iqeqebana labafana lifuna izintombi zabo. Uthe bazizwa bedelelekile.
USihlalo we-Langa Safety Patrol, uMnu Bandile Gcuwa uthe basanda kuhlangana nabafana ukubhunga ngobungozi bokulwa.
“Bancane kakhulu ukuthi bengabanga amantombazane bacekele phansi izimpilo zabo ngoba kulezi zimpi balimazana kanzima bagcine bevalelwe ejele,” kusho uGcuwa.
Isakhamuzi uMasivuye Galada uthe ukhathazekile ukuthi impi izoshuba. Unxuse abakwa-South African Police Service (SAPS) noMnyango wezeMfundo ukuthi bangenelele.
“Abanye balaba bafana bafunda esikoleni esisodwa. Sikubonile lokhu ngaphambilini. Bazolwa kulezi zikole ezimbili. Ngiyethemba ukuthi babalalele abaqaphi bayeka ukulwa,” esho.
Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uFrederick Van Wyk uthe izikole ziseshwa masonto onke noma nyanga zonke kanti amaphoyisa ebengakabikelwa ngezigameko ezenzeka ezikoleni.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Western Cape, u-Unathi Booi uthe bebengakayitholi imibiko evela esikoleni yabafundi abalwayo noma abaphethe izikhali.
UBooi wengeze ngokuthi izikole zingacela ukuseshwa nokushaqwa kwezikhali kumalungu akwa-SAPS uma kunezinsolo ezizwakalayo zokuthi abafundi baphethe izikhali eziyingozi noma izidakamizwa ezingekho emthethweni.
“Kunemihlahlandlela ecacile yokuthi kuseshwa kanjani ukuvikela amalungelo nesithunzi sabafundi,” kusho uBooi.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa akwaLanga athole izikhali eziyingozi kubafana abafunda ezikoleni zakwaLanga
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe