Isihlahla se-bonsai enkundleni yokuziqeqesha yase-Manchester City isiphenduke uphawu olumangalisayo lobumbano eqenjini likaPep Guardiola.
I-Bonsai iwubuciko base-Japan bokutshala izihlahla ezincane ezimbizeni nokuziphungula amagatsha nezimpande ukuze zihlale zizincane.
Isihlahla esincane esithakaselwa ngabadlali njengoba bedlula egumbini le-physio bekuwumbono womgadli wase-Norway u-Erling Haaland.
Njengoba aziwa ngendlela yakhe yokuphila impilo yokuzithoba, isinqumo sikaHaaland sokuletha isihlahla i-bhonsai sihambisana nobuntu bakhe.
Ngokushesha isihlahla sibe iphrojekthi yeqembu kanti abadlali banomuzwa wokuzibophezela kuso.
I-bhonsai, edinga ukunakekelwa ukuze ikhule kanti futhi sizokhombisa indima kaHaaland eqenjini.
Umdlali nesitshalo badinga izimo ezithile ukuze bachume futhi njengoba iqembu linakekela i-bhonsai liphinde lenze isiqiniseko sokuthi uHaaland unakho akudingayo ukuze aphumelele.
Ngaphandle kokugxekwa kwakamuva ngokusebenza kwakhe okubandakanya namagama ahlabayo avela kuRoy Keane, iqembu liyalazi igalelo elilethwa uHaaland.
Ukuba khona kwakhe enkundleni kufuna kaphazamisa izimbangi kuvulele ozakwabo amathuba.
UHaaland uyasivuma isidingo sokuthuthuka, ikakhulukazi ekusebenziseni amathuba phambi kwegoli, kodwa uhlala ezibophezele ekukhuleni ngaphandle kokucabanga ngokweqile ngalesi simo.
Indaba yesihlahla se-bonsai, evezwe kuhlelo olusha kwi-Netflix olukhishwe mhla zimbili kuMbasa simele okungaphezu nje kweqembu.
Sikhombisa indlela kaHaaland yokuphila nebhola, iveze ukuzehlisa kwakhe, ukugxila, nokubaluleka kokuphila endaweni owesekwa kuyo.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla: I-Manchester City.
Umthombo wesithombe: X