Dylan Bettencourt
USadio Mane ubeyiqhawe kweye-Afcon ngesikhathi kade edlalela izwe lakhe i-Senegal, kanti futhi manje usephinde wasiza ingane eyalimala kade ishayiswa yisithuthuthu.
Lo mdlali wasesiswini we-Liverpool ushayele i-Senegal iphenathi eyenza yanqoba kowamanqamu e-Africa Cup of Nations ngeSonto, okumenze waba iqhawe.
Ngaphandle kokudlala ibhola, lo mdlali uvamise ukubheka labo abadinga usizo. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi uMane eya esibhedlela ngemuva kokulimala ekhanda bedlala ne-Cape Verde emzuliswaneni wamaqembu angu-16.
Ngesikhathi elashelwa ukulimala ekhanda wezwa ngendaba yengane eshayiswe yisithuthuthu okwase kusele kancane ukuthi ilahlekelwe impilo yayo.
Abazali bengane abakwazanga ukukhokhela isikweletu esibhedlela ngakho-ke uMane wakhokhela izindleko zomndeni futhi wasindisa impilo yengane.
“Umndeni ubunengcindezi ngemuva kokuthi isithuthuthu sishayise ingane yabo,” kusho isivakashi esiteshini sase-Cameroon, i-Equinotex.
“Ingane ibiphuke amathambo inamanxeba emzimbeni wonke. Ibisengcupheni yokushona futhi nabazali bayo bebengenayo imali yokukhokha ukuthi alashwe.”
Ngemuva kokuthi uMane ezwe ngalesi simo wathembisa ngokukhokhela isikweletu sika-R11,000 ukuze kulashwe ingane.
UMane waziwa ngemizamo yakhe yokuphosa esivivaneni kwelase-Afrika nasezindaweni ezizungezile. Ngesikhathi se-Afcon, uMane ulandele isithembiso sakhe sokundizisa abalandeli base-Senegal abangu-50 e-Cameroon ukuyobuka umdlalo owandulela kowamanqamu nowokugcina.
UMane uqokwe njengomdlali ohamba phambili kumqhudelwano futhi lokhu kuzonyusa kakhulu izinga nekusasa lakhe ebholeni. Usenqobe izindebe ezifana ne-UEFA Champions League ne-English Premier League ngesikhathi edlala, kodwa wathi ukunqoba i-Afcon kube kuhle kakhulu empilweni yakhe.
Lo mdlali wasesiswini unikezwe ikhefu lesonto ukuze agubhe ukunqoba kwe-Senegal kweye-Afcon, kodwa abalandeli be-Liverpool bangalindela ukuthi isihlabani sabo sibuyele ekuzilolongeni ngesonto elizayo.
Umthombo wesithombe: @TheAthletic