Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Imoto achome ngayo uSamuel ezinkundleni zokuxhumana isibanjiwe kanti manje isiwubufakazi benkantolo.
I-National Prosecuting Authority ithi wenze umgunyathi wakokodela i-signature namaphepha ukuze ayithenge.
Umlingisikazi uBuhle Samuels usolwa ngokuthenga imoto yohlobo lwe-Porsche SUV ngamanga.
Umsolwa (35), owaziwa ngokudlala indawo kaMatshidiso emdlalweni uMuvhango, uvele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra kuleli sonto ezobhekana necala lokukhwabanisa nokukokotela.
Ngokusho kwe-National Prosecuting Authority, uSamuel wakokodela amaphepha ezinkampani kanye nama-signature ukuze athole imoto, achome ngayo ku-inthanethi njengesipho sakhe sosuku lwakhe lokuzalwa.
I-SUV eyadonsa amehlo amaningi ezinkundleni zokuxhumana, isithathwe yiziphathimandla futhi igcinwe njengobufakazi kuleli cala.
USamuel kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngomhlaka-16 kuNhlana.

Ngaphandle koMuvhango, uke wabonakala emdlalweni Imbewu: The Seed, i-Kings of Joburg ku-Netflix nakweminye imidlalo yakuleli. Uphinde abe ngumculi, umama, futhi ungumgqugquzeli wenkundla yezokuxhumana.
Ama-post akhe ezinkundleni zokuxhumana ahlanganisa izingubo zikanokusho nezinto ezingavamile, kwamtholele isivumelwano njenge-muse ye-Hendrick’s Gin.
Esithombeni esingenhla: UBuhle Samuels kanye ne-Porsche SUV ayifake ku-inthanethi.
Umthombo wesithombe: @buhlesamuels