Isihlabani somculo wezokholo singene ebhizinisini lokulima

Linda Ximba

Isihlabani somculo wezokholo uBabo Ngcobo ungene emabhizinisini okulima nelokuthengisa impahla ethi uzilungiselela impilo ngemuva kokusebenza kwakhe kwezomculo.

Lo mculi ozinze eThekwini utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuphoqeleka ukuba ahlale ekhaya angaculi ngesikhathi somvalelo kumenze waqala amabhizinisi.

Umsebenzi wakhe omusha usendaweni esemaphandleni eMzinyathi eNanda enyakatho yeTheku.

UBabo unomhlambi wezinkomo, izimbuzi, amahhashi amathathu namahansi. Uthenge inxenye yomhlaba eNanda lapho ahlose ukwakha khona izindlu zokuhlala.

“Njengoba sengibe semkhakheni wezomculo cishe iminyaka engama-30, ngifunde lukhulu kubaculi asebemnkantshubomvu. Ngibone abaculi abasafufusa bechitha imali ngezimoto eziwubukhazikhazi beqasha amaflethi aphezulu.

“Ngalokho okuncane engikwenzayo ngibona kuwubuhlakani ukutshala imali kwezolimo. Njengamanje nginabasebenzi abathathu kodwa inhloso enkulu ukuqasha abaningi kakhulu ngoba sifuna ukuthuthukisa abantu bendawo.

“Indawo engihlala kuyona ilifanela kahle ibhizinisi lami ngoba amakhasimende ami ngabantu abahlaba izinkomo noma izimbuzi njalo ngenyanga,” kusho lo mculi oneminyaka engama-47 onama-albhamu amathathu ngaphansi kwebhande lakhe.

UBabo uthe yize iningi labaculi belithintekile ngomvalelo, isimo sakhe besingesibi kangako.

“Bekubuhlungu ukubona abaculi engikanye nabo belahlekelwa yizimoto kanti abanye bakhishwa emafulethini abo ngenxa yokwehluleka ukukhokha intela yenyanga nenyanga,” kusho uBabo.

Uthe usungule umkhankaso wokumaketha kuzwelonke ukwenyusa i-albhamu yakhe yesithathu esihloko sithi Uhambo 3.

“Uma izwe selibuyela kokujwayelekile, ngizoba sendleleni ngikhangisa ngale albhamu futhi ngiphinde ngixhumane nabalandeli bami asebekhumbule ukungibona ngidlala bukhoma,” ephetha.

Izihloko zakamuva