Isihlabani somculo sithuke usomahlaya

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokuthi uTrevor Noah egxeke uKanye West ngokuhlukumeza owayengukosikazi wakhe uKim Kardashian, uWest uphendule ngokucwasa lo somahlaya odabuka eNingizimu Afrika ezinkundleni zokuxhumana.

Ngesikhathi kusakazwa bukhoma i-The Daily Show ngoLwesibili, umsakazi uNoah uxwayise ngokuthi “okuqale njengehlazo elivamile kosaziwayo elithinta uKim, uKanye, noPete Davidson [isoka elisha likaKim], sekuphenduke ingxoxo enkulu mayelana nokuhlukunyezwa kwabesifazane abaningi uma bezama ukushiya ubudlelwano.”

UNoah uye wathi uma kunzima kumuntu odumile nocebile njengoKim ukukhipha umuntu ayeshade naye empilweni yakhe,  kunzima kangakanani komunye wesifazane?

Ukuhlukunyezwa kwasekhaya wudaba olusenhliziyweni yalo somahlaya, wabe esedalula ngodaba olubuhlungu lukanina, owadutshulwa yisoka lakudala elalingazimisele ukumyeka.

UWest akazange akuthathe kalula ukuphawula kwalo somahlaya, ube eseqondisa umbhalo wakhe kuye ku-Instagram lapho abize khona lo somahlaya “ngo-K**n Baya.”

Umbhalo kaWest wenze ukuthi i-akhawunti yakhe yaku-Instagram ivalwe amahora angu-24.

Igama elithi “c**n” liyinkulumo ecasulayo yobuhlanga exhumene ngqo nobugqila, ukucwasana kanye nokucekelwa phansi kwabantu abamnyama. Umbhalo kaWest ubuqekethe igama elithi “Kumbaya”, okusho ukuthi “woza lapha”.

Kuphinde kube ingoma yomoya yabantu base-Afrika abahlala eMelika eculwa ngabantu besiko le-Gullah abavela e-South Carolina nasogwini lwase-Georgia. Ingoma iesetshenziswe uWest ukuthuka uTrevor, ekuqaleni ibicela uNkulunkulu ukuthi azosiza abaswele.

Lo mbhalo ohlukumezayo awuzange umthulise uNoah okuthe ngemuva kwempendulo ende, wavuma ukuthi inhlamba ethi “K**n” iyahlekisa.

“Ningakhohlwa, iqhinga elikhulu abacwasa ngokwebala abake balisebenzisa kubantu abamnyama wukusifundisa ukuthi sithukane ngobumnyama bethu noma yinini uma singaboni ngaso linye. Ukusikhohlisa ukuthi sizehlukanise sibe yizicucu ukuze singalokothi sihlangane sibe yinduku enamandla,” kusho uTrevor ephendula uWest ngendlela enamandla.

“(Angikwazi ukungakusho lokhu, i-K**n Baya nayo iyahlekisa njengo-s**t).

“Zinakekele mfowethu. Ngiyethemba ukuthi ngelinye ilanga sizobe sihleka sonke ngalesi simo nokuthi konke kuphele kanjani ngokuthula nothando,” kuphetha uTrevor, osakhathazekile ukuthi izinto zingamhambela kabi uKim, uma kungenjalo uKanye.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva