Isihlabani somculi nezindondo eziningi kowama-Grammy

Lubhalwe nguThabiso Sekhula

Kule mpelasonto uBeyoncé ube ngumculi oklonyeliswe kunabo bonke kuma-Grammy Awards.

Efika kulo mcimbi njengomculi oklonyeliswe kakhulu esigabeni se-Best R&B Song, uphinde wahamba nendondo ye-Best Dance/Electronic Recording (“Break My Soul”), eye-Best Traditional R&B Performance (“Plastic Off the Sofa”), eye-Song of the Year (“Break My Soul”), eye-Album of the Year (Renaissance) kanye nokuqokwa kwezinye izindondo ezinhlanu.

Lona unyaka wokuqala u-Beyoncé eqokwe emkhakheni we-Dance/Electronic. Ngokwemfashini yeqiniso nangamazwi akhe uthe akezanga lapha ukuzodlala, uzele ukuzokwenza ezibukwayo” – ngokuwina izindondo ezine zama-grammy.

Kufanele uqonde izinga kanye nethonya likaBeyoncé ngisho nasenhlanganweni enkulu efana nama-Grammy. Eminyakeni embalwa eyedlule uBeyonce wadikila ama-Grammy ngemuva kwesinqumo sokuthi i-albhamu yakhe ethi-Lemonade ayizange ifanelwe yindondo ye-Record of the Year.

Kwasusa umsindo ngoba i-Lemonade yayiseqophelweni eliphezulu kangangokuthi ngesikhathi u-Adele engena esiteji ethola indondo ye-Album of the Year nge-albhamu yakhe ethi-25, waze wavuma ukuthi ama-Grammy amoshekile futhi indondo bekufanele iye kuBeyonce.

Ngemuva esiteji, u-Adele wengeza ngokuthi, “Yini okufanele uBeyoncé ayenze ukuze awine ibdindo ye-Album of the Year?”

Ngokuthukuthela lo mculi wayeka ukuhambela umcimbi wama-Grammys kodwa wayesehambele imigubho yaminyaka yonke yomyeni wakhe uJay Z yangaphambi komcimbi wama-Grammys, i-#RocnationBrunch, ebanjwa ngosuku olwandulela ubusuku obukhulu bama-Grammy.

Amandla akhe ayamangalisa kangangokuthi abalandeli bakhe nabo baduba ukubukela ama-Grammy – futhi lokho akubanga kuhle emphakathini. Ngakho-ke manje ama-Grammy kufanele azehlise futhi aklomelise lo mculi ngisho nangengoma engadumile, “Plastic off the Sofa” – kodwa kungenzeka ukuthi nalokho kumfanele.

Abantu bakuleli basamthukuthelele ngokungakhiphi izinsuku zase-Afrika zohambo lwakhe lokujikeleza umhlaba; kodwa okwamanje, sonke siyamthanda uBeyoncé!

Izihloko zakamuva