Isihlabani sithenge ibhola likaR-2.6 million

Dylan Bettencourt

Isihlabani sase-Brazil, uNeymar, uthenge ibhola elisetshenziswe kowamanqamu e-Africa Cup of Nations (i-Afcon) ngo-R2.6 million endalini yezinhlangano ezisiza umphakathi.

Le ndali ibihlelwe nguzakwabo we-Paris Saint-Germain nowine i-Afcon u-Idrissa Gueye ukuze asize ngezinto ezahlukene e-Afrika.

Imali uNeymar ayisebenzise ukuthenga ibhola elisetshenziswe ngesikhathi i-Senegal ihlula i-Egypt ukuwina i-Afcon yokuqala ngoNhlangulana izongena ekuxhaseni ekulweni nesifo sesandulela ngculazi nomdlavuza wezingane e-Afrika.

Umcimbi we-red-carpet obuse-Paris ubuhanjelwe ngabadlali abambalwa be-PSG, okubalwa kubo uKylian Mbappe, onikele ngokuxhasa kwisifo sesandulela ngculazi kanye nokunakekelwa komdlavuza.

Amakhithi asayinwe nguKeylor Navas, uMarco Veratti kanye nomgadli we-Real Madrid uKarim Benzema ebatatshwa endalini.

Ibhola lokugcina yilo elihehe kakhulu ngoba lisayinwe yibo bonke abadlali be-Senegal ngemuva kokuwina e-Cameroon futhi lingenise imali eningi.

I-Senegal yawina isicoco sayo sokuqala se-Afcon emzamweni wayo wesithathu ngemuva kokuhlulwa kabili ngo-2002 nango-2019.

UNeymar kudala engumsekeli wenhlangano esiza abantulayo. Ngesikhathi kuqala ubhubhane lwe-Covid-19 wanikela ngo-R15 million ukulwa naleli gciwane, wahlukanisa umnikelo phakathi kwe-Unicef nesikhwama semihlomulo e-Brazil.

Izwe lakubo kaNeymar i-Brazil lihlaselwe kakhulu yilolu bhubhane. Ubuye axhase ngemali yokusiza umndeni wakhe osekela izingane ezivela ezindaweni ezimpofu e-Sao Paulo.

UGueye, ohlele lo mcimbi, usolwa ngokucwasa ngokobulili ngemuva kwemibiko ethi uphuthelwe umdlalo we-PSG ngempelasonto ngenxa yokuthi unqabe ukugqoka ijezi elinefulegi yothingo lwenkosazana phezu kwezinombolo zeqembu.

Lo mdlali wasesiswini wase-Senegal waphuthelwa umzuliswano ofanayo lapho okwasetshenziswa khona leli fulegi lothingo lwenkosazana ngesizini edlule ngenxa “yezinkinga zesisu.”

Umthombo wesithombe: @SportsBrief

Scrolla World Cup Quiz