Isihlabani sishiya i-Man United

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Iqembu le-Manchester United ngoLwesibili limemezele ukuthi uCristiano Ronaldo uzolishiya iqembu. 

Lezi zindaba ezishaqisayo zisanda kuvela.

Engxoxweni   phakathi kukaRonaldo nentatheli uPiers Morgan ngesonto eledlule, lo mdlali wase-Portugal ugxeke kakhulu i-Man United ikakhulukazi umqeqeshi u-Erik ten Hag.

URonaldo utshele uMorgan ukuthi uTen Hag kanye neqembu bazame ukumkhipha ngenkani futhi bathi ubengamhloniphi umphathi wakhe.

Ngemuva kokuqoka abammeli ngenhloso yokuthathela lesi sihlabani sase-Portugal izinyathelo ngokwephula inkontileka, i-United isikuqinisekisile ukuhamba kwakhe esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili.

“UCristiano Ronaldo uzoshiya i-Manchester United. Iqembu liyambonga ngeqhaza lakhe elikhulu e-Old Trafford,” kusho isitatimende seqembu.

Ephendula uRonaldo (37) ukhiphe isitatimende ekhombisa uthando lwakhe nge-United nabalandeli.

“Ngemuva kwezingxoxo ne-Manchester United sivumelene ngokunqamula inkontileka yethu kusenesikhathi, ngiyayithanda i-Manchester United kanye nabalandeli bayo lokho akusoze kwashintsha. Nokho kuzwakala sengathi isikhathi esifanele sokuthi ngiphikelele kokunye okusha,” kusho uRonaldo.

Ngenkathi i-Man United yethula ukubuya kukaRonaldo eqenjini nyakenye abalandeli bayo babejabule kakhulu.

URonaldo useke wanqoba i-Champions League, ama-Premier League amathathu, iNdebe ye-FA, nezindebe ezimbili zeligi eminyakeni eyisithupha ngaphansi komqeqeshi wakhe uSir Alex Ferguson kuleli qembu.

Ubengumdlali wabo omkhulu abamethembayo futhi emehlweni abalandeli uyena mdlali ohamba ohambili.

Kodwa-ke ukubuya kwakhe ngaphansi komqeqeshi wangaphambilini u-Ole Gunnar Solskjaer kwakuyinkinga kwasekuqaleni. Ngesizini ka-2021-22 umgadli ushayele iqembu amagoli angu-24 kuyo yonke imiqhudelwano.

Kodwa-ke ukushintsha kwakhe nokuveza ukuziphakamisa kwakuqinisekisa ukuthi kwakukhona izingxoxo eziqhubekayo mayelana nokuthi iqembu lizoba ngcono ngaphandle kwakhe.

Nakuba ngesizini edlule bekunombango eyakamuva ibe yinhlekelele.

URonaldo usehlohle amagoli amathathu eqenjini elibonakala lisukile kuyena.

Ingxoxo yakhe noMorgan iyona yokugcina ecike abaphathi beqembu kanti bazokhululeka ngokuhamba kwakhe  phezu kwawowonke amagoli awashayile nokuphakamisa iqembu.

URonaldo ngeke abuyele kwi-United e-Carrington ngemuva kweNdebe yoMhlaba ye-Fifa ese-Qatar. Okwamanje akwaziwa ukuthi isiphi isinyathelo sakhe esilandelayo.

Isithombe esingenhla ngesikaCristiano Ronaldo

Umthombo wesithombe: @FabrizioRomano

Scrolla World Cup Quiz